... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Into Esemqoka Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:3-6 Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele

Listen to the radio broadcast of

Into Esemqoka Kakhulu


Download audio file

Liyini inani lempilo engunaphakade kuwe ? Ake ucabange  ngalokho .Uke uthathe ubeke eceleni konke ukwehla nokwenyuka kwempilo okukhona ? Liyini  ngempela inani lokuphila okuphakade kuwe ?

Ngethemba ukuthi inani lesethembiso sokuphila ingunaphakade ebukhoneni bukaNkulunkulu ledlula konke okunye kuwena . Kodwa akusona isipho  okuzohanjwa sinikwa noma ubani ethe dekle ngezinqe phansi . Ngeke usiphiwe ngoba nakhu ungunobuhle ,bonke abantu bekuthanda , kumbe bekubone uyintshelelezi yebhungu kumbe uyindoda ethembekile  nehlelekile eqotho futhi . Ngeke uvese usiphiwe ngoba nakhu ungebi ,ungaqambi amanga futhi ungabulalanga muntu . 

Isipho sokuphila okuphakade  sinikwa labo kuphela abamkholwayo uJesu ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, ukuthi wafa ukuze abahlawulele izono zabo ,wavuswa ukuze ukuze abavuse ekufeni  abavusele ekuphileni okunganaphakade , okuyoba ngumlibe into engapheli ingunaphakade naphakade . Nansi indlela umphostoli uPhawuli abeka ngayo kulezonsuku:

1 KwabaseKhorinte 15:3-6 Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,  nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili;  emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula ku 500, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele

UPhawuli lokhu ukubiza ‘ngamaqiniso asemqoka’ futhi kunjalo kuyiwo nembala . Ngiyazi ,ngiyazi ukuthi kuningi okuqhubeka empilweni yakho njengamanje . Kodwa angisho ukuthi uma ungayinikeli impilo yakho ngokholo kuJesu Khrestu lokhukuphila okuphakade soze kwaba ngokwakho .

Ngakho ngicela ukukukhuthaza ,kholwa nguJesu Khrestu .Uphile impilo yakho uyiphilele Yena .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.