... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isikali Sakho Sokuthatha i-Risk Ngenxa Yomvuzo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:11,12 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

Listen to the radio broadcast of

Isikali Sakho Sokuthatha i-Risk Ngenxa Yomvuzo


Download audio file

Sonke sinezikali ezehlukene zokuthatha i-risk ngenxa yomvuzo.Abanye bakulungele ukuthatha ama-risk amakhulu ukuze bathole umvuzo omkhulu .Abanye bazibamba ngamatomu ,bathathe ama risk amancane ukuze bazizwe bephephile bengakhalakatheli uma izinto sezingasalungi. 

Ngiyazibuza ngesikhathi usakucabanga lokhu ukuthi kuwe isikali sokuthatha  ama-risk singakanani .

Enye yama risk enkulu empilweni ,ngukudela umvuzo  omncane namhlanje ngenhloso yokuvuza kakhulu kwikusasa. Kwi-article phambilini ye – Wall Street Journal, umcwaningi u- Dr Kaileigh Byrne ucashunwe ethi : “Abantu ngokusabalele bavama ukudeliswa ngumvuzo wamanje esikhundleni sokubheka omkhulu wekusasa , ngisho kungathiwa lemivuzo emihle yekusasa mikhulu kakhulu .” Asikungabazi lokhu akushoyo ,kuliqiniso eliphelele.

Ngakho ake sicabange ngalokhu ngokwenani olilungele ukumlandela uJesu namhlanje , nama-risk okulungele ukuwathatha konke ngenhloso yokuzuza ikusasa libe ngelikhulu elingcono . Ngoba njengokuba uJesu wathi  …

NgokukaMathewu 5:11,12 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

Ngakho uphendula uthini uma abantu bekuthuka ,bekulimaza ,beqamba amanga ngawe ,besho izinto ezinhle ngawe ngoba nakhu ulandela uJesu? Ngakube uyathuka ,ulimale  ufise ukuphindesela iso ngeso kumbe uzizwa ugqugquzelekile ? Ngihlawumbisela ukuthi ukuziphindiselela kungakunika umvuzo nokweniliswa kwemanje .

Kumbe ungathatha irisk yomvuzo osabambezelekile. Ungajabula uthakaze kakhulu ngakho .Ngani? Ngoba unomvuzo omkhulu okulindile eZulwini.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.