... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isilingo Sesithathu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:8-11 USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.” Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ” USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. Wasuka eNazaretha,

Listen to the radio broadcast of

Isilingo Sesithathu


Download audio file

Yini le kulomhlaba oyilangazelelayo? Zintokozo zini ,zinto zini eziphathekayo ,yintoni le eyodwa oyiphupha ungalali ufisa ukuyibamba ngqi ungakaweleli kwelaphakade ,usela kulomhlaba? Futhi linani lini othi impela  ungancamela ukulikhokha ?

Kuyimvelo emhlabeni ukuba namathemba nezintshisekelo zokubamba into ethile ,njengokuba ngishilo ,kungayizintokozo ,yizinto eziphathekayo,kodwa kusengaba futhi wukufuna ukuhlonishwa nokugqama ,yizikhundla nokuba semandleni. Lezozinto ziyasibamba ngobuqili singazelele,zihehana ngendlela yokuthi uzizwa uhluleka ukuziziba  nokuzehlula.

Kodwa sikhathi sinye sithanda izinto zakulomhlaba ,kusikhathi sinye siqhela kuNkulunkulu ngecebo laKhe ngezimpilo zethu .Futhi asicacise kuhlale kukubili kukanye ngubuqili bezwe obusiqilayo singene kukho kumbe yizinhlelo zikaNkulunkulu.Awukwazi ukuba nakho kokubili .

NgokukaMathewu  4:8-11 USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe

nenkazimulo yayo; wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”

 Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini

uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”  USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. Wasuka eNazaretha,

USathane walinga uJesu esikhathini sobothaka baKhe obukhulu ,entekenteke elambile ,ezihudula ,esehlane .Futhi ngesikhathi wenza konke okusemandleni ngokuhle ngoNkulunkulu ,kodwa uvese uthole ukuthi into oyitholayo ebuyela kuwe yinhlupheko yakulomhlaba,lokho kwenza ukuthi amasu nobuqili bezinto zomhlaba bukulandele bufune ukukuzuza. USathane uyakwazi lokho .Ngakho uma eza kuwe kuleyondawo ngesilingo sakhe ,khumbula lokhu : ‘Wokhuleka eNkosini

uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.