... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izitha Zesiphambano

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 3:18,19 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.

Listen to the radio broadcast of

Izitha Zesiphambano


Download audio file

Enye yezinto abazali abayisaba  kakhulu ngukuthi hleze abantwana babo baholeleke ophathe , ngokuphila nabantu aba-wrong ,ngokuba nama Role model angemahle .

Mawucabanga kukangaki uNkulunkulu ebona izingane zaKhe ziholeleka ophathe , ngokulandela isibonelo sabantu aba-wrong?

Ngakho angikubuze ,ngobani ama Role  model akho ? Ngobani obavulela inhliziyo yakho ,obavumela baku-influnce ngokuthi ucabange  uziphathe kanjani? Futhi nansi inselelo –ngakube bakufanele yini lokhu kuhlonishwa obanika  khona ngempilo yakho ,nezinga elikhulu kangaka lokubathemba ngempilo yakho na  ?

Izolo sikhulume ngobuhle bokuba nama -Role Model amahle ezimpilweni zethu … ukuze nathi njengabafundi bakaJesu  (okuchaza ukuba ngabafundi ngqo njengasesikoleni ) siphenduka sibe zitshudeni zakhe sifunde umsebenzi la wenziwa khona sibuka kuYe ophambi kwethu.

Kodwa namhlanje siza nesexwayiso sokugxumeka ama-mentor awrong ezimpilweni zethu . Asiphinde futhi sizwe umphostoli uPhawuli kulesihloko:

KwabaseFiliphu  3:18,19 Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.

Kunabantu la emnyango abazenza aMaKhrestu ,abazenzisa sengathi bangabalandeli bakaKhrestu abathembekile kodwa othola ukuthi,uma sekuhlolwa izithelo zemisebenzi yabo nakuba bengazwakala babukeke bemtoti kodwa abalutho futhi abasondeli kwakhona lapho !

Ungayivuleli abantu abawrong inhliziyo yakho. Ungaholelwa ehlathini yizitha zesiphambano!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.