... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngokungaphezu Kweso Lengqondo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 2:9,12 Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” …. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.

Listen to the radio broadcast of

Ngokungaphezu Kweso Lengqondo


Download audio file

Uke uzithole wehla wenyuka ,wenza izinto odinga zenziwe ? Ebese kufika isigaba lakhona intokozo  ebiye ikufikele ,kube sengathi ivese yahwamuka . 

Kuyimpambankwici ukuthi ngokwe-science ukuthi uma isponji sesome saze sawuqhotho kunzima ukusebenziseka kwaso ,kubiza ukuba sicwiliswe emanzini kancane kuqala . 

Kodwa inkinga ngukuthi mina nawe sesizame kaningi ukusula amanzi achithekile ngaso lesiponji esesome saqina sayitshe  kodwa siyahluleka ngoba asisakwazi ukuwagwinya siwamumathe lesiponji. Kuzobiza kuphela ukuba sicwiliswe kahle ngokwanele qede sikhanyisiswe some  ngokuswakeme ebese kuyila ukwazi ukusula kahle ngaso ,senze umsebenzi oncomekayo.

Yebo shlobo mhlawumbe nawe kungenzeka ukuthi namhlanje uyakudinga lokhu kucwiliswa kabusha ukhanyisiswe kahle qede ukwazi ukuba  sekusebenzeni okuncomekayo qede kubuyele kuwe leyantokozo yakuqala .

 Ngakho ,nansi indaba la ikhona :

1 KwabaseKhorinte  2:9Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:

“Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” …. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.

Uphostoli Phawuli ulandisa ngokuqhubeka athi ngisho abaholi abaqavile bezwe besikhathi ‘abakubambanga’ lokhu . Yingakho bambethela uJesu .Kodwa …

1 KwabaseKhorinte  2:12 Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.

Futhi kuKhrestu ,uNkulunkulu usevele ukuhlelele izibusiso ezingenakuchazwa … kwimanje nakwiphakade . Ngakho vumela uMoya oNgcwele akucwilise kabusha namhlanje .Vumela iZwi likaNkulunkulu likukhame namhlanje . 

Ngoba unezinto ezinhle akuhlelele zona  – ngisho kungabukeka izwe limunca konke ukuthokoza kithi –kodwa izinto ezinhle asibekele zona uBaba wethu zingaphezu kokucabanga kwethu 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..