... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuveza Umusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 2:13 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

Listen to the radio broadcast of

Ukuveza Umusa


Download audio file

Kunezinto ezingehli kahle eBhayibhelnini ,yiqiniso lelo. Izindima esingakujabulela ukuzeqa ,siqhubeke nezinye .Izahlukwana ezishukumbisa zicunule indlela yethu yokutolika iZwi likaNkulunkulu. Namhlanje sizobuka okunye kwalokho . 

Angiqale ngokusho ukuthi ngiyakholwa ukuthi umuntu angasindiswa kuphela ngomusa , ngokholo kuJesu Khrestu,owafa ukukhokhela izono zethu qede wavuka ukuze asinike isipho samahhala sokuphila okungunaphakade . 

Kodwa angihambisani nomqondo wokuthi usindiswa kanye ususindiswe isikanye awosophinde usindiswe . Ayi ngoba nginokutolika kwami ibhayibheli ngendlela engikitazayo kodwa indlela elikhuluma ngayo akunginiki ukunethezeka ngizitshele ukuthi sengiqedile konke sekungubuthebelele njalo.Nansi lendima engiyishilo phambilini:

EkaJakobe  2:13 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

Ekuqondeni iZwi likaNkulunkulu , ukufunda isahluko sinjengoba sinjalo kuyasiza kakhulu . Futhi ukufunda lendima injalo nje isitshela ngokusobala ukuthi singakholwa nguJesu Khrestu , kodwa uma singawuvezi umusa kwabanye ,naYe futhi soze awuveze nakithi ngalolosuku lokwahlulela .

Empeleni uJesu waxoxa  umzekelo omude ngalendaba .  Uqala ngamagama athi  “UMbuso weZulu unjena  …” qede bese aphethe ngenceku engenasihawu eyakhokhelwa esayo isikweletu kodwa yona yalwa nozakwabo  owayemkweleta  qede nayo yagqonywa ejele kuze kube ikwazi ukukhokha esayo isikweletu enkosini yayo. 

Ngakho akusicacela ukuthi ukungabi nawo umusa ,akusizi,akukho futhi ukukhetha okunye .Ukushodelwa ngumusa ngabanye kuliqiniso ukuthi kuyophetha ngokuthi uNkulunkulu naYe uyoshodelwa ngumusa ngathi ekugcineni .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..