... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungalenzi Iphutha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 15:4-8 … Nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele; emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.

Listen to the radio broadcast of

Ungalenzi Iphutha


Download audio file

Sonke sesike saba semngcwabeni .Ukulahlekelwa ngothandiweyo wethu ,umngani noma uzakwethu. Futhi lezozinkonzo ziyisikhathi esisemqoka sokumukela ukudela ukukhulula ubudlelwano bakho nalowo osehambile . 

Yebo ngiyazi kuyinto engemnandi ukuthi namhlanje sithi siqala sivese sikhulume ngomngcwabo into engenhle kangaka. Kodwa hlala  nami ungasuki .Kungcono ngoba sizokhuluma ngokuvuka emva kokufa .Futhi kungalesosizathu esenza kube nzima  emva kokukhala sililela abathandiweyo bethu ,qede singabe sisacabanga ukuthi kukhona novuko .Ngena Jesu  …

1 KwabaseKhorinte  15:4-8Nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili; emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo

lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele;  emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva

wabonwa ngabaphostoli bonke; ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.

Hleze  uyayazi indaba yokuthi abafundi bathwala kanzima kanjani ukuqonda nokumukela ubuqiniso bendaba yokuvuka kwabafileyo. Kwenzeka la ezinhlozini  zamehlo abo ,bekunye namakhulu amaningi abangcwele kodwa kwakunzima ukuyiqonda lendaba .

Manje khumbula ukuthi uPhawuli ubhalela abaseKhorinte esikhathini lakhona babesebaningi ababengakuphikisa . Abakuphikisanga . Ngakho ungalenzi iphutha ,ukuvuka kwabafiliyo kuliqiniso kukhona .UKhrestu uvukile . Yizindaba ezinhle lezo ngoba kuchaza ukuthi uma simethemba siyovuka naYe lusuku lumbe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.