... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Wakhetha Ngesizathu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 1:3,4 Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe

Listen to the radio broadcast of

Wakhetha Ngesizathu


Download audio file

Uyakholwa nguJesu ? Uyakholwa ngukuthi wafa ukuze akukhokhele inhlawulo yesono sakho qede wavuka ukuze akunike impilo entsha ,echichimayo ,nempilo engunaphakade? Uma kunjalo angikutshele ukuthi nginezindaba ezinhle kuwe  Mzalwane wami .Ezinhle kakhulu . 

Izolo sikhulume ngeqiniso elinamandla lokuthi uma  ukholwa nguJesu sewuvele ubusisiwe ngesibusiso sonke sokomoya ngaYe .Kunamagama amabili asekusebenzeni lapha “sewuvele” nelithi “ sonke” . 

Ngakho ake sithathe leligxathi elilodwa eliya phambili.Ngoba kunesigaba kulesibusiso ,umusa onamandla oguqulanayo ochichimayo ogeleza kuNkulunkulu uza kithi. 

KwabaseFesu  1:3,4 Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile

ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe

Ake sithi ukuma kancane ebese sikuvumela lokho kuthi ukuzika .Ngaphambi ngisho kokuba umhlaba nezulu kwadalwa ,wase ukhethiwe kuKhrestu,yebo ngisho wena kanye  ,wawusukhethiwe enhliziyweni kaNkulunkulu .Futhi hhayi nje ukuthi ubusiswe ,okokungathi lokho akwanele . 

Kodwa ukuba ube ngcwele futhi ungabi nacala phambi kwaKhe.Ngamanye amazwi igazi likaJesu likuhlanze wahlanzeka ,lakwenza wamhlophe qwaa okweqhwa phambi kukaNkulunkulu ,izono zakho sezigeziwe zabaleka zonke ngalokho uJesu akwenzele khona.

Futhi igxathi elilandelayo kulokhukuguqulwa kwakho ngokunamandla empilweni ebheke kwingunaphakade ,ngukuhamba ungenacala phambi kukaNkulunkulu.Yiyona ngxenye yakho yesibili le futhi  esemqoka ngoba yisona siphetho sakho kuKhrestu .Ngakho uma ufuna unyaka ozayo ube ngcono kunophelayo  ,phila ngokwesiphetho ohlelelwe sona ,Phila impilo yakho ngobungcwele nokungabi nasisihla . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.