Amandla Okuguquka
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 17:14-16 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”
Ngicabanga ukuthi kwesinye isikhathi uma sekuziwa ekulindeleni kwethu kulokho uJesu angakwenza nazokwenza ezimpilweni zethu ,sibeka isikali phansi kakhulu.Simbuka enza izinto ezinkulu ezimpilweni zabanye abantu ,kodwa singamlindeli ekwazi ukwenza lokho ngokunamandla kwezethu izimpilo .
Kwezinye izinsuku,siye sicabange ukuthi akukho lutho oluyoke luguquke .Into esineminyaka iyimbelesela yesilonda esingapholi ,mhlambe ezobudlelwane bethu ,isidingo thizeni,okusilimazile,kumbe okusehlulayo ngemvelo yethu … bese sithi : “kuzomele ngivese ngifunde nje ukuphila nalento insonsotha injalo ngoba ngeke iphinde iguquke”..
UJesu uqhamuka phezulu entabeni ,wehlela ezixukwini .Abanye babafundi bakhe bazama ukukhipha idemoni kumfana omncane ,kodwa bayahluleka.Ake ucabange ukuthi ubaba wakhe wayenomuzwa onjani
ngalokhu.Wayezwile ngezimangaliso zaloJesu ,kodwa manje ngakuba loJesu sikhona isimangaliso yena azomenzela sona?!
NgokukaMathewu 17:14-16 Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.
Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”
Lokhu kukhanda umbuzo ,ngakube uzongenzela isimangaliso ,uzokwela isimangaliso ? Ngakube uzokwazi ukuyiguqula leyanto nje eyodwa engeke ikwazi ukuguquka? Mhh?
NgokukaMathewu 17:18 UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi.
UJesu akakaze anqabele muntu isimangaliso noma ngabe ubani oweza kuYe enokukholwa okuncu.Ngisho nakanye .
Ngakho leyonto eyodwa nje engeke iguquke ,ithathe uyiyise kuYe.Kunokwenzeka engenzi lokhu ofuna akwenze ,kodwa methembe ,uzokwenza.Kuthathe ukuyise kuYe bese uyakholwa. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..