Amandla Okusindisa Umphefumulo Wakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Masizoba neqiniso ekutheni ezinye zezinto uNkulunkulu asuke efuna ukuzikhuluma zibekeka eceleni kude le futhi zibukeka ziphoxana uma zibukwa ngokomqondo nomuzwa walelizwe .Ngakho uma uhlangana nenye yezindima ebhayibhelini eyilolohlobo lokukhuluma kukaNkulunkulu ,ubhekana kanjani nalo?
Mangase nje kuthiwe uNkulunkulu ubengasivumela sizihambele ngendlela yokukitazeka kwethu ,sizilandelele okumnandi kithi ngokwezintshisekelo zethu ,bese kuthi nje ngalezokhathi esidinga ngazo usizo lwakhe simcele athi gqi azosisiza kancane .Uma sizokhuluma iqiniso ,yiyona ndlela leyo okuvamisa ukuba sicabange ngayo .Mhlawumbe asicabangi size sikuphimisele ngomlomo lokho ,kodwa kusezinhliziyweni ngaphakathi.Ebese uvese uzithele endimeni enjengalena :
EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Akasitotosi ngamagama ,ukhuluma aqonde ngqo lana.Enye yezindlela ongayifunda ngayo ngethi amanyala okuziphatha nobubi obuyinsakavukela .
Sonke sinalo lelifu elimnyama elincane lesono ,elizithe shuthe kithi ngaphakathi .Futhi okuthi izikhathi ngezikhathi uma sifakeke engcindezini ,kuvese kuvuke ikhanda lalo ebelifihlakele ,qede sisale sizibuze ukuthi ekaze ,sekuqhamukaphi lokhu manje ?
Mhlawumbe uzithola kulokhu kwenzeka amahlandla ephindelana lokhu ,okuze kube sengathi awunamandla okukulawula .Kunamandla lokho ! UNkulunkulu ungitshela ukuthi mangisuse yonke insila nobubi obuvamileyo ,kodwa manje umbuzo kanjani? Kuyezwakala , hle hle ikanjani liqhamuka kwingxenye yesibili yalelivesi : namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Kuba noguquko olunamandla ,oluguqula impilo ingaphinde ifane nakuqala ngesikhathi simukela iZwi likaNkulunkulu ngenhliziyo evulekile nethobileyo.Uyakuzwa lokho ? Okusindisa imiphefumulo yethu.Kuyasikhulula .Kusibuyisela emfuziselweni kaNkulunkulu esabe sidalwe ngawo .
Yebo nebala lezondima ezinzima ezinganambitheki kahle eziBhalweni ,zifakwe nguNkulunkulu ukusindisa umphefumulo wakho .Zamukele ngentobeko nobumnene.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..