... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ezikhathini Lakhona Ubumnyama Buphatha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 22:52-53 Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”

Listen to the radio broadcast of

Ezikhathini Lakhona Ubumnyama Buphatha


Download audio file

Kucace bha  ngokungenalungabazane ukuthi siphila emhlabeni wobumnyama obukhasa phansi .Kuya ngokuya kwanda ubumnyama obuxakile obugubuzela lomhlaba .Kuyisenzo esikhona ,esishiya abantu bakaNkulunkulu  abaningi bethukile,futhi kokunye bedidekile .Nkulunkulu wami ,kwenzekani ingempela la?  

Kwelase Australia uhulumeni wakhona wafaka kwaba semthethweni ukuthi ingane ungayihushula ingakabelethwa ngisho nangosuku lokubelethwa kwayo .Into  engiqeda nya kulomthetho ,akusikho ukuthi ushaywe ezweni eliphucuzekile kodwa ngukuthi  lomthetho ushaywe qede wagujwa ngentokozo wabiza ngokuthi yilungelo loluntu .

Awu kodwa Nkulunkulu kungani wabavumela bawushaye ?Kungani ungabamisanga ? 

Futhi into edlulele engingagcina ngiyenzile njengomlandeli kaKhrestu ,yebo into edlulele  ongayenza uma kungukuthi nawe ungumlandeli waKhe ,ukungena esimweni sokuphelelwa yithemba .

Uma kwakuthiwa sasiphakathi nathi kubafundi ngamhla uJesu eseGetsemane  eboshwa ,lowomoya kanye wokulahlekelwa yithemba nathi wawuzosihaqa .Kodwa ake ulalele nanka  amagama awashoyo :

NgokukaLukha  22:52,53  Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku.  Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”

Yebo nebala sasikhona isikhathi seNdodana kaNkulunkulu uqobo ukuba ikhashelwe qede ibethelwe .Yebo sasikhona isikhathi sobumnyama ukuba bubuse .Kodwa kubo kanye lobobumnyama obukhulu ,kwavela ukukhanya okukhulu,ngokuba uKhrestu uvukile  ,amasango eZulu avulelwe  bonke abakholwayo yiYona  .

Yebo ,siphila esikhathini lakhona ubumnyama bubusa .Kodwa uJesu uyabuya .Kahle hle ngoMoya waKhe ungaphakathi kuwe nangawe ,usevese usekhona .Ngakho makuqhake ukukhanya ukukhanya kwakho ,phakathi kwabo kanye ubumnyama ,ngokuba ubumnyama abusoze bakwehlula . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..