Hhudlanani Nize Nihambisane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Malakhi 2:16 Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana usho uJehova uNkulunkulu kaIsrael ,”nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho” ,usho uJehova Sebawoti,ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.
Ukwehlukanisa yisihloko engilokhu ngihlale ngihlale ngibuyele kusona ngoba kabuhlungu siklebhula imishado ,izimpilo nemindeni emhlabeni jikelele,ngokunemiphumela enzima kakhulu .
Uzakwethu uthi useke yena wangena esimweni sesahlukaniso .Sekunesikhathi eside kwenzeka futhi kwabe kungekhona okwakukhethwa nguye .Kunzima kunjalo uthi nokho sekwansonsotha kwagcina kudlula ,namhlanje useshade nonkosikazi abahleli kahle naye ,uNkulunkulu amlethela yena emva kwesikhathi esasinzima sokushiywa nokwaliwa .
Into eqhuba umkhwenyana noma unkosikazi ukwehlukanisa kuba yilomqondo wokuthi ‘ngishade umuntu owrong’ ; nokuthi abasoze bahambisana bafanelane ukuqhubeka nempilo ndawonye ..
Kodwa njengokuba enye i- psychologist,u- Philippa Perry, wake wayibeka ngalendlela kwi-article yephephendaba phambilini wathi: Into eyenza ubudlelwane obuhle akukhona ukuthola umuntu o ‘right’.
Akekho umuntu o “right” kunoma ubani . Kahle hle into eyenza umuntu abe right ngukuzinikela . Ngoba uma uzinikele kumuntu ulokhu uguquka kancane uhambisane naye niguquke nobabili ,njengamatshe amabili alokhu ehhudlana aze agcine esehambisana esekuma kunye . Ngakho ukuthola umuntu o’right’ kwenzeka nikhula ebudlelwaneni hhayi ngesikhathi uqala ukumbona nivumelana ngothando lomshado .
Amagama enhlakanipho lawa .Futhi ngokokubuka kukaNkulunkulu Yena uthi :
Malakhi 2:16Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana usho uJehova uNkulunkulu kaIsrael ,”nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho” ,usho uJehova Sebawoti,ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.
Uma umuntu efika esinqumweni ukuthi uwakwakhe akayena o “right” uyaqala lomuntu abuke ngale kwentaba . Futhi uyazazela bahlale bethi amadlelo aluhlaza ngale kwentaba.
Akekho noyedwa o “right” kunoma ubani . Hhudlanani njengamatshe nize nithi khaxa nihambisane . Bakhwenyana namakhosikazi asivekele ubunye bakwaMoya .
Bonke ubudlelwane buyehla benyuke ,,,iyodwa kuphela into ongayenza ngesikhathi bukuleyonjikela ,ngukukhuleka .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..