... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isono Siyabulala

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:15,16 Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?

Ukufa yinto olokhu uyicabanga njalo ngesikhathi ukhula.Ngesikhathi kufika ukukhula kuvese kuzenzele ukuthi  duku duku umqondo wokuhamba emhlabeni usuyakuvakashela ,lokhu okwenzeka mawala ebudaleni kunasebusheni .

Manje kunomcabango onamandla ,ngempela ? Yebo ,ake ucabange ukuthi kuhle kanjani ukukucobelela wona namhlanje .Nokho angisho ukuthi ungomuntu okholelwa  kuJesu ,ukufa kuye kuphelelwe ngamandla akho .KuKhrestu kuvese kube yibriji elikuwelisela ekuphileni okungunaphakade .

Manje pho kungani ukuthi abantu bakaNkulunkulu , ‘AmaKhrestu’ njengokuba ezibiza kanjalo ,abukeka enjengabantu abaphilayo kodwa asebefile ? Ngakwelinye icala ekholwa nguJesu ,ngakwelinye eshodelwa ngukubona ukukhanya okunamandla  emehlweni ,eshodelwa yinhloso nomdlandla ,wena ongafunga ukuthi uqobo lwengunaphakade lwabo besebukhoneni noKhrestu kube sengathi kuyinto elulana engatheni nje leyo. 

Impendulo ithi isono sawo….siyawabulala 

KwabaseRoma  6:15,16 Kunjani, pho,na?  Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. 

Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?

Noma ngabe yiyiphi indlela othanda ukuyibuka ngayo lendaba ,kumbe uthande ukukucabanga ngokokungathi hhayi nje indlela wena le oyiyo odaleke ngayo ,isono asikaze ,yebo asikaze silokothe ukuba yinto encane .U- John Owen encwadini yakhe ayibhale ngama  1700 engokukhathaza amandla esono uthi : Yiba semsebenzini wokubulala isono ,kungenjalo sizobulala wena . Lalela sihlobo esithandekayo …

Ungalendela isono noma ulalele uthobele uNkulunkulu . Ukulandela isono kuletha ukufa kwengunaphakade kanti ukulandela uNkulunkulu kukwenza ume kahle naYe .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..