... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Ingempela ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 138:7,8 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko uyakungiphilisa .Uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,esokunene sakho singisindise .UJehova uyakufeza okwami ;Jehova umusa wakho umi phakade;ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Listen to the radio broadcast of

Kungani Ingempela ?


Download audio file

Kubukeka kunezigaba ezehlukene empilweni .Izinto zingaqala zihamba kahle kakhulu- kumbe untweze kamnandi  ,angithi?  Kumbe ngasizathu thizeni ivese impilo ibe yincithakalo uqobo lwayo .

Noma ngabe ukuphi njengamanje ,ngisho nasezikhathini ezinhle ,nakanjani ezikhathini ezimnandi kodwa ikakhulukazi kwezinzima ,umuzwa wokuzizwa sengathi ukuphila akunanhloso ungaputshuka  ukungene.Yonke lento ingani ingempela ? Mehluko muni engiwenzayo kulokhu kuphila ? 

Futhi umehluko wempendulo ecacile kuleyomibuzo  ingakuthatha ikufake esimweni somzwangedwa ,ngisho kungathiwa yonke  enye into empilweni yakho ihamba kahle.Inkosi  uDavide yabhekana nokungena kuleyomizwa ezigabeni eziningi empilweni yayo .Futhi ngamhla izindla ngezikhathi ezazishubile kakhulu empilweni yayo ,yakhuleka kuNkulunkulu yathi :

Amahubo  138:7,8 Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko uyakungiphilisa .Uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami,esokunene sakho singisindise .UJehova uyakufeza okwami ;Jehova umusa wakho umi phakade;ungashiyi imisebenzi yezandla zakho.

Kubukeka sengathii ukuba midwayidwa kwakhe kwamenza  wafunda ukuncika kuNkulunkulu ezikhathini ezinjalo Wayazi ukuthi uNkulunkulu uzokwehla amsindise .Kodwa nansi la elele khona ….ngisho nakuba izinhloso zikaNkulunkulu zazingahlali zicacile kuyena ,wayazi ukuthi uNkulunkulu uzoyigcwalisa inhloso yakhe ngempilo yakhe . 

Yonke into inenhloso-sonke isihlahla ,izilwane ikakhulukazi isidalwa esingumuntu – kunenhloso ngobukhona bakho ;inhloso eyanikwa khona ngakunye ngaphambi kwendalo .Ngisho nakuba kungacacile ngokuphelele kuwe ,khumbula lokhu : uNkulunkulu wakudala ngenhloso futhi uzoyigcwalisa inhloso yakhe ngawe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.