... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuyawenza Umehluko ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 4:18,19 Behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.

Listen to the radio broadcast of

Kuyawenza Umehluko ?


Download audio file

Ngesikhathi uJesu ehamba emigwaqeni yothuli yakudalo kwa Israel . Izimpilo ezingenakubalwa zazihlabekile zathinteka zaguqulwa .Futhi yilona phuzu kanye lelo .Uma sihlangana noJesu ,lokho kuhlangana kwethu naYe  kumele kusiguqule . 

Kuyachazana ukuthi ngakolunye uhlangothi,sonke sifuna impilo engcono  kodwa ngakolunye uhlangothi ,asifuni ukudela izinto ezimosha impilo yethu ,ezimisa ukuguquka sibe ngcono,zisivimbela ukukhula . 

UJesu unezinto ezingukukhuluma ngqo ngezono zethu ,ezami nezakho.Kwesinye isikhathi amazwi aKhe ayangena athi ntshi enhliziyweni . Kwezinye izikhathi siba ngontamo lukhuni kuwona ,sikwenze lokhu ngokusiphetho sokuhlomeka emeveni. 

Ngiyazibuza ekaze uzizwa kanjani uyingxenye yalolohlobo.Ngiyazibuza ekaze esikhathini  sokwethembeka kuwe siqu uma  kuthiwa bewuzothula ukuzihlole uzibuke emumva kuze kube manje ubuzophendula uthini kulemibuzo :   Kungakanani ukuhlangana kwami noJesu okwenza umehluko empilweni yami ? Kukangakanani esengiguqukile kukhona? Kungakanani esingiguqukile kukho – ngakube ngiguquke ngenxa yomthelela wakhe empilweni  yami ? 

Kulabo abangamavumelanga uKhrestu ezinhliziyweni zabo uPhawuli  umphostoli ubhala athi :

KwabaseFesu  4:18,19Behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila

kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, abathi bebuthuntu,

bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.

Ngukulahlwa okubuhlungu kakhulu lokhu kokudedelwa ,manje umbuzo omkhulu ,okumelwe sizizibuze wona ngokwethembeka ,ngokwesikali esingakanani lokho okuchaza mina kulenkulumo ? Sekuke kwashiwo ukuthi ibandla linjengesibhedlela .Ezinye iziguli ziyashesha ukusizakala emakhambini ezempili ezinye qha. 

Mngakanani umehluko uJesu awenzayo empilweni yakho ? 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.