Yonke Ingxenye Yempilo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Amahubo 127:1,2 Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi ,umlindi wawo ulindela ize .Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni niphuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Ungabuza imvamisa abaningi ukuthi; “ manje kuhamba kanjani? ” ,imvama impendulo izothi ; “eyy uyazi ngimatasa ,asikho esokuphumula” .Singabantu kulezinsuku sikuthwele ngeqoma ukuba matasa ngisho nala khona uthola ukuthi kuyasikhama kuyasibulala.
Enye yezinto engiyithanda kakhulu ngoNkulunkulu ngukuthi uthanda ukuba yingxenye yezingxenye zonke zokuphila kwethu .Futhi hhayi ukuthi abe yingxenye nje ,kodwa ukuba asibusise kwizingxenye zonke zokuphila kwethu.
Eminyakeni eminingi edlule ngangisebenza amahora amaningi kakhulu cishe zonke izinsuku ,ngaze ngazizwa ngikhathele ngiwudaka.Ngakho ngaya kudokotela.Wenza wonke ama-test. “ Awunalutho wena ,akukho sifo engisithola emzimbeni wakho.” Isiphetho sakhe ? “ inkinga yakho awukutholi ukulala okwanele .Udinga ukwengenza ihora elilodwa ubusuku bakho ngalinye lokulala.” Kulowomzuzu ngangizitshela ukuthi ngiwusomlingo uqobo .
Kukulesosikhathi lakhona ngathola lokhu eZwini likaNkulunkulu :
Amahubo 127:1,2 Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi ,umlindi wawo ulindela ize .Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni niphuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
Kwenzeka into emangazayo uma sivumela uNkulunkulu angenelele kwizingxenye zonke zokuphila kwethu .Ukhuluma inhlakanipho yaKhe ezinhliziyweni zethu.Uletha ukuphumula,uletha ukulala kulabo abathandayo.
Ungangizwa kabi ,ngiyakholelwa ekusebenzeni kanzima .Futhi angikutshele ukuthi akungikhathazi ukusebenza amahora amade ngisebenza kanzima ukufeza izinto uNkulunkulu angenzela ukuba ngizozenza kwamhlaba.Kodwa kunesigaba lakhona ukusebenza kakhulu kungesikho nje ukuthi kuhlubula ezempilo zethu kuphela,kodwa okusuke kuchaza ukuthi awumethembile uNkulunkulu .
Ufuna ukuba yingxenye yokuphila kwakho .Muvumele.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..