... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubumnene Nenhlonipho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 3:14-16 Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.

Listen to the radio broadcast of

Ubumnene Nenhlonipho


Download audio file

Siphila esikhathini sokuklayeka okukhulu ,lakhona kuphekwa kuphakwe ingxovungxovu exova izinhliziyo  lakhona kusabalaliswa kwi- social media ubandlululo lobuhlanga  nokufaka imiqondo engamampunge ,lokhu kuyinto esihlaba kabi ezimpilweni zethu kulesikhathi ngaphezu kwesaphambilini .

Kulula ukuphonsa ithawula  kwezinye izikhathi lakhona sibona lobuphoshophosho bamanga ede edluliswa kithi eteketiswa ebizwa nge ‘qiniso’ .Ake uzame ukuqondisa abantu ,zama ukuphawula amaphuzu okuyiwona wona ,ake uzame ukwenza abantu bacabange ngokucacile ngokwenhlakanipho kaNkulunkulu  nangeqiniso,ngiyakutshela bayosho ukukugugula njengenhlabathi .

Ini?! Ngakube bonje sebevese bangenwa wumsangano ? Yini le engenza abantu bangizingele ngenxa yokubalula iqiniso eliyilo kusuka umhlaba wasekelwa ?

 Futhi bese kuthi ekudidekeni kwengqondo yethu bese silingwa ngukulwa nomlilo ngomlilo ,nathi sibabize ngoshova labo nathi abahamba besimemeza emaqeleni .Akulona iqiniso lelo? Kunini lakhona ukumemezana ,omunye aklwebhe aye le  nomunye aklwebhe aye le ,yikuphi la lokho okwake kwasiza khona ,ungasho? 

Ngakho ,yisikhathi sokukhunjuzwa namhlanje .Yisikhathi sokuba uNkulunkulu angenelele  ekuphenduleni kwethu  kolomsangano  obukeka ubambe umhlaba wawuthi mfi : 

1 EkaPhethru  3:14-16Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,  kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,  kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.

Yebo ,sizozingelwa ngenxa yokwenza okuhle okuyikho.Ungamangali.Ungesabi.Okwakho qhubeka amahlo uwathe njo kuJesu futhi yebo nebala,hlala ukulungele ukutshela abantu  kungani unethemba kuYe .Kodwa …futhi kulalele lokhu ,yingxenyana esemqoka le ….. kodwa kube ngobumnene nangokwesaba

Angiwaphinde lawomazwi … kodwa kube ngobumnene nangokwesaba 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..