... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubulala Isono

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:5-8 Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; Kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu

Kubuhlungu ukuthi iningi lalabo abazibiza ngegama likaKhrestu  -‘AmaKhrestu’ – sebezizwa  benethezekile ebudlelwaneni nesono .Sekukhona ukungalinaki leligama elithi ‘ukuphenduka’ ,sekungathi  liyisidala .

Iqiniso ngukuthi siyadlalisana nesono ,sisikitaze  ngokwethu.Isono sihlala njalo sinemiphumela .Sakwenza lokho mumva le ku Adamu no Eva .Namanje futhi sisakwenza lokho .Kodwa kulomhlaba lakhona yonke into ivunyiwe ,kulula kuMKhrestu ukuzizwa esenethezekile esonweni ;azipholele kuleso esimnandi kuye ,kube  sengathi akonakele lutho.

Mumva le ngonyaka ka 1656, indoda egama layo ngu- John Owen wabhala incwadi , hmm, okusengathi iyaphoxana kakhulu ethi , “Ukuphoxa Isono ”. Ngamanye amazwi yayingokubulala isono ezimpilweni zethu . 

Ngamehlo esimanje lokho kubukeka kuyinto engukukhuluma okumawala ,okuyisidala .Ukubulala into iphele nya lokho kuzwakala kuqinile kakhulu .Lokhu kuchaza ukuqeda nya ngaleyonto ,ibishe odakeni okokugcina.

UMphostoli uma ebhalela abazalwane bakhe eKolose ubeka kanje  …

KwabaseKolose  3:5-8Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe, okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu, ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho; 

Kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu

UJohn Mortimer uyibeka kanje : Impilo , amandla omzimba nokunethezeka kwempilo yezomphefumulo incike kakhulu ekukwazini ukuphoxa uqede amandla isono 

Ungalenzi iphutha yazi lokhu ;umusa kaNkulunkulu kuJesu Khrestu umahhala ngokugcwele .Kodwa isono esiphila enyameni nakanjani ngokungangabazi ,siyoqeda nya impilo kuwe .

UJesu wafa ukuze unqobe isono empilweni yakho .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..