... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuguqulwa Ngomusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:17,18 Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu, kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

Listen to the radio broadcast of

Ukuguqulwa Ngomusa


Download audio file

Wonke  umzali uyafikelwa yisigaba sokwesaba ukuthi hleze ingane yakhe igcine ibe mdibi munye nezingalaleli izingane ikhethe eyayo indlela ;abe nomuzwa wobuhlungu ukuthi lezongane kumbe abantu bayoholela ingane yakhe eweni .Nebala kubafanele abazali ukuba nalokho kukhathazeka .

Nami angikutshele leyomizwa ingifikele ngoba mawukhulisa ingane kunezinto eziningi ezisuke ziyinyonyobela ziyifuna ,ngakho usengcindezini yokuthi ekaze eyami indlela eqondile izogcina ithathiwe kumbe kuzothathwa eyabantu ebabona bengamaqhawe kuyo abangaqondile .

Kube nombuzo ukuthi kaze yikuphi okuyonqoba ekugcineni ,yizinto esimfundise zona kumbe ezimnyonyobelayo ? Ngumbuzo lo wonke umzali azithola ezibuza wona .

Nalokho kuyinkathazo enhliziyweni kaNkulunkulu  ngokwakhe ngathi zingane zakhe yingakho simthola esho lokhu  :

2 EkaPhethru  3:17,18 Ngakho, bathandekayo, njengokuba

nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe

ekuqineni kwenu,  kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.

UPhethru ukhuluma  la ngabanye abahlanakezele izibhalo qede bazidusa  bona badusa nabanye babadonsela ekubhubheni  .

Futhi nanamhlanje lababantu basekhona .Ngakho singazikhethela thina kukanye ukubalandela ,kumbe amehlo siwathi  njo kuJesu sikhulise ukholo lwethu kuye nasemseni wakhe sikhule kuwo .Futhi ungakulibali lokhu ,umusa wenzelwe ukukusindisa kanjalo nokukuguqula .

U- A.W. Tozer  wake wakubeka ukuthi uma singaguquliwe ngomusa ,ngakho  mancane amathuba besike sasindiswa ngomusa kwakhona ekuqaleni ,angicabangi wayeshaye eceleni la .

kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy