... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhleba Kusabalalisa Ukuxabana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 16:28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo

Ngicabanga ukuthi ungqubuzano olukhulu engikholwa ngukuthi uMKhrestu wonke ubhekana nakho yilokhu : Bengingazaphatha kanjani kabi kodwa ekubeni  uJesu wazinikela kangaka ngenxa yami ? Kungumdonsiswano wengaphakathi okhona lo futhi yilo oziveza  ezindaweni eziningii ezimpilweni zethu . 

Angazi kunjani kuwe kodwa nginalentshisekelo yokukhonza uJesu ngawo onke umphefumulo wami ;ukumhlonipha ngawo wonke umcabango wami ,amazwi nesenzo .Kodwa noma kunjalo ngiyawenza amaphutha .Sonke siyawenza .

Futhi enye yezindawo lento la oyibona khona  ngokuvamisile ,yisekuhlebeni kubantu .Bona kanye labo ebebephakamise izandla zabo bekhonza uNkulunkulu ngeSonto eledlule . Singakwenza kanjani lokho emva kokuba uKhrestu esenzele okungaka ? Ngumbuzo omuhle lowo .

Ukuhleba ngukutshela into abanye abantu ngomunye umuntu izinto ezingaba nezisengebe yiqiniso ,kumbe ezingaba yiqiniso ingxenye ,kodwa iqiniso ndlelana thizeni eselixoviwe ,mhlawumbe ngenxa yokungabanga nesineke sokuluzwa kahle udaba ,kumbe nje ngenxa yendlela lolodaba oludluliswe lwaxoxwa ngayo .

Izaga 16:28Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,nomncethezi wahlukanisa abahlobo

Uma ukucabanga ,uthola ukuthi ukuhleba kuthwele  ukwenzeka kwamagama angesiwo ,nawukuhlawumbisela  – aklaya ubudlelwane .Yingakho ngokukaNkulunkulu abahlebi /abancethezi  bangabantu abaphambeneyo abakhanda udweshu .

Ngakube kufanele ukuthi wehlisele phansi  isithunzi somunye umuntu ,uklaye ubudlelwane babantu ,ngenxa  nje yokuthi ujabuliswa ngukuncethezela omunye izindaba ezingaqondene nawe ? Ngenxa nje yokuthanda umdlalo wokuthi  : “mina ngizazi zonke ,wena awazi luthi ,wozibuza la kimi”? 

Ngaphezu kokuba ukuhleba kunobutha obubulalayo,ukuhleba kudiliza isithunzi nokuhlonishwa komuntu  nezobudlelwane . Uyamcabanga nje uNkulunkulu ekuhamba ngemumva ekuhleba ,ehamba etshela umhlaba zonke izinto lezi azaziyo ngawe ? Sihlobo sami ungahlebi ,ngoba hleze nawe akubize ngomncethezi nophambeneyo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..