... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulinda Ngesineke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isililo 3:25,26 UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumuloomfunayo.Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.

Listen to the radio broadcast of

Ukulinda Ngesineke


Download audio file

Ayi kumele ngithembeke kuwe .Yazi ukulinda kungenye yezinto engingamnandi kahle kukho .Akukho kahle kimi .Ngithanda ukuphusha makwenziwa into , ngiluhlobo lomuntu othi : “asihlale amagqozo ,akwenziwe,sisalindeni?” Kodwa manje uthola ukuthi ukukwazi ukulinda,ukufunda ukulinda ,kuyinto esemqoka kakhulu kuNkulunkulu .

Angithi uyawazi lowomuzwa ? Ufuna into thizeni ,uyayidinga …futhi uyifuna khona manje ! Kodwa siphila  emhlabeni lakhona ungeke wanakho konke khona manje .Siphila emhlabeni lakhona izinto ezinhle ziba –delayed ,zihlehle ,zime kwesinye isikhathi .Yiyona ndlela impilo eyiyo leyo .

Ngakho indlela thina esibhekana nayo nezinto –wukungabi nasineke .Uhlulwe ukuzibamba okugcina kuholela ekukhalazeni .Lokho kukhalaza okukhanda uhlobo oluthile lwenkambo.Ebese leyonkambo siphile ngayo ibe yi-ruler lethu lokwehlukanisa izinto .

Okugcina ngokuthi senze izinqumo  ezimfithimfithi ezingacacile .Senze izinto ezingubuwula .Silimaze abantu esinobudlelwane nabo .

Ngakube kukhona okunye kwalokhu esengikuchazile   okuzwakala nawe ungena kukho ? Ngisola kanjalo ngoba yindlela le eseyihambayo sonke .Manje pho …yikuphi okwehlulikile kulokhu na?

Okwehlukile ngukuthi ,kunenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu ,ekulindeni ngesineke.

Isililo 3:25,26 UJehova muhle kwabamethembayo,kumphefumulo omfunayo.Kuhle ukumethemba  nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.

Ngakho kuNkulunkulu ,akusikho nje ukuthi siyalinda .Akengithi ibhasi obufuna ukuligibela liyaphuza ukufika  ,awunakho okunye ongakwenza.Kukubiza ukuthi ulinde

Indaba ingokuthi silinda ndlelani.Ngakube ulinda ngomoya ongemuhle ,kumbe ulindela uNkulunkulu? Ngakube ubheke  kuYe ngokulindela ukuba aziveze kumbe ubeka ithemba lakho ezintweni zomhlaba ? Ngakube ulindele ngesineke ukuba uNkulunkulu akusindise ….kumbe ude wehla wenyuka uxoxela wonke umuntu ube wuvovo liyakhipha ? Ngixoxele sihlobo sami? Uma kuthiwa kumele ulinde ,ulinda  ndlelani?

Kuhle ukumethemba  nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..