... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMhawu KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 20:2,3,5 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazikhothameli ungazikhonzi ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu .

Listen to the radio broadcast of

UMhawu KaNkulunkulu


Download audio file

Ngingabuza namhlanje ukuthi yiyiphi into enkulu empilweni yakho ozabalaza  kanzima ukuyibeka phansi uyendlale phansi , uma uNkulunkulu ekulawula ukuyibeka phansi ? Zinto zini ezingamafa akho ,zikhundla zini ,zinto zini ezingamapreference kuwe …ongathwala kanzima ukuziyeka uma ethi shiya phansi?

Uzakwethu uthi yena hhayi kuye kungaba yitechnology –wayekade enenkampani ye-IT isikhathi eside .I-hobby yakhe ngukubona zonke izinto zakhe ze-tech zisebenza zixhumeke kamnandi ,iwashi lakhe,ifoni ,itablet ,icomputer  konke kusebenza ngokwamandla akho . 

Mangase uNkulunkulu amcele ukukushiya konke lokho abuyele epenini nephepha  kuye  kungaba ngumzabalazo omkhulu .Ngakho kuwe mlaleli kungabayini ? 

Isizathu ngibuza ngukuthi labo bethu abazibiza ngokuthi bayakholwa nguJesu ,labo bethu abathi bangabafundi baKhe ,badinga sidinga ukuba bukhali ukuqaphela izinto ezimpilweni zethu  noma ngabe yini ezingafuna ukufaka umoya wokufuna ukuba phambili kunoNkulunkulu ezimpilweni zethu . 

Eksodusi  20:2,3,5 NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami……

Ungazikhothameli ungazikhonzi ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu.

Manje kungani uNkulunkulu enguNkulunkulu onomhawu ? Ngoba uyasithanda ngaphezu kobekungathimiselwa ngamagama ,ngakho wathumela uJesu iNdodana yaKhe ,ukuze sithethelelwe izono zethu ,yiyona ndlela leyo asithanda ngayo . 

Futhi akafuni sikhohliswe noma yiliphi ihuho lakulomhlaba noma uSathane uqobo ongasiholela ophathe asikhohlise .

NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe indlu yobugqila .Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly