... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umsebenzi Kangadini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 3:6,7 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.

Listen to the radio broadcast of

Umsebenzi Kangadini


Download audio file

Uma wenza izinto ezinhle uzenzela uNkulunkulu ,usebenzisa wonke amathalenta namagalelo akho, isikhathi sakho nezinto onazo ngenhloso yokuveza uthando lukaNkulunkulu kulabo abaseduze nawe , kunesilingo sokuvumela impakamo ingene kuwe .

Eminyakeni eminingi eyedlule ngake ngaba kwi ministry lakhona umholi owayeyihola  – owayezoba ngonempumelelo kuyo kwayekwenza  – uma kungazange kube ngukuthi waqala  wakholwa  yizinhloso zakhe .Waqala wazibona ese’ngumuntu othile’ ,ngikholwa uyangizwa ngithini ,esezibona .

Waqala abanye abantu wababeka kude le ,wabanqamula  empilweni yakhe . Ngingomunye wabantu owabanqamula wabaqhelisa kuye ,wangibeka kude le . Kuze kube yimanje ,ngisakhale kabili kuphela emsebenzini weNkosi eminyakeni engu 20.Okunye kwalokho kukhala okwangalesosigigaba . Kodwa kwaba yishwa ukuthi emva kweminyaka emide esemsebenzini weNkosi ,kwafika lakhona owayesezibona emkhulu ngalendlela yokuthi nekomidi leministry lahluleka ukumluleka lagcina limxosha .

Uyazi ,angingabazi ukuthi masike saqala sazibona singabasemqoka emsebenzini weNkosi , masike nje savumela impakamo  yethu isigwinye ,kusuke uNkulunkulu esegeze izandla ngathi . Nansi indlela umphostoli uPhawuli ayibeka ngayo kuleyominyaka eminingi eyadlula :

1 KwabaseKhorinte 3:6,7Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. 

Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.

Ngakho asizibheke  namhlanje , nawe sihlobo . Asizihlole ngokuthi ,ngakube sesingenwe yini yilomoya wokukholelwa ezinhlosweni  ezingathi sazibona simqoka ? Ngakube sesiqalile ukuzibona sisemqoka ngokungaphezu kwesikali esifanele ? 

Ngoba umsebenzi kangadini[yimi nawe lowo] ngukutshala sichelele. Kodwa nguNkulunkulu owenza izinto zikhule .

Sidinga ukuzihlola zikhathi zonke mzalwane wami ,sisebenzi seNkosi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..