... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungasabi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 46:1-3 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni . Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amanzi alo ehlokoma ekhephuza nezintaba zizamazama,ngokukhukhumala kwalo .

Listen to the radio broadcast of

Ungasabi


Download audio file

Emva kwesikhathi esincane dukuduku ,nansi impilo isikuphonsa ngebhola elishaya i-punch enzima esiswini .Uma likushaya likuxegisa amadolo . Ebese ngesikhathi ulele phansi emhlabathini ungasaphefumuli   kahle ,kuvese kungene ukwesaba .   

Kwake kwangenza lokho nami ngisamncane ngivimbe ibhola langishaya lasho ukuhlanganisa isisu nomgogodla ngayothi fofolozi laphaya . Kuze kube namhlanje ngisakhumbula kahle lobobuhlungu nokwesaba  bokuhlulwa wukuphefumula 

Futhi ngicabanga ukuthi okwenza kube ngokwedlulele ,wuvalo olukushayayo .Lengxenye yokumangala ukuthi  –bengingakulindele nhlobo lokho okwenzekile . 

Uyabona ,ziningi izinto  ezenzekayo empilweni ezisibangela ukusaba okukhulu . Kwenzekile phambilini ,nakanjani kusazokwenzeka kwikusasa lempilo yethu futhi.

 Futhi kuphakathi nakho lokho kwesaba nokwethuka okuvese kwenze ukholo lwethu luhwamuke lube ngumuncwi emoyeni ,akunjalo ? Esikhathini kanye la okudinga khona ,nakhuya sekubalekile .

Phambilini ngisanda kushawa yinto u- Martin Lloyd Jones ayisho:  ukholo ngukwenqaba ukuqhaqhazela . Futhi lenkulumo okuthi mase uyibuka ngeso likaMoya iliqiniso elinamandla :

Amahubo  46:1-3 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni .

Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amanzi alo ehlokoma ekhephuza nezintaba zizamazama,ngokukhukhumala kwalo .

Zincane izinto ezingesabisa ukwedlula ukuzamazama komhlaba  –inhlabathi ibe ubugudlu gudlu okweguzulestimela  ,izintaba ziginqikele olwandle , amanzi aholobe qede akhande  amagagasi eskhaleni .Njeke .Kodwa loMhubi uyawenqaba umuzwa wokwesaba esimweni esinjalo .Kungani ? Ngoba  … UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni .

Qinisa ikhanda .Ungasabi ungaqhaqhazeli .Methembe 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..