... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Soze Akushiye Uyisiceke

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:9,10 Dumisa uJehova ngempahla yakho,nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.Izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha .

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Soze Akushiye Uyisiceke


Download audio file

Enye yezinto sonke esimelwe ukucabanga ngayo kulesikhathi sonyaka ,yi-budget  yamakhaya ethu kumbe emakithi ,njengokuba ukuphila sekunyuke kwabiza kwangaka ,kwafaka ingcindezi esimweni sezimali kithina. Uzoyilawula kanjani imali esesandleni kuwe kulonyaka ?

Abanye abantu ababi nayo kwayona i-budget ,bayisebenzisa noma yikanjani imali bengabi naluhlaka  lokuyihlela ngononina . Yebo uma kungukuthi vele ungumacaphuna kusale ,lokho kungakusabenzela kodwa okwesikhashana ,kodwa kwiningi lethu akuyona indlela ebesingayizama kwayona leyo.

Ngakho uyabona amanani ayanyuka ,izimali ezikhokhelwa izindlu  ,nezimoto nokuningi kuya ngokuya kusiklinya impela … amandla emali enza sibone ukuthi cha kuzomele umuntu azincishe izinto eziningi ukuze siqhubeke siphonse umbalane kulomhlaba  … 

Ngakho abantu abaningi abakwenza kuqala ukunciphisa izindleko ,ngukwehlisa kumbe ukuyeka ukunikelela abampofu nomsebenzi weNkosi. Yindawo elula ukuqala kuyona leyo ngoba ayinamthelela kwimpilo yakho ngokushesha ngqo ngqo. Manje ungangizwa ngandlebenye la ,uNkulunkulu akalindele kakade simnike esingenakho, kodwa futhi akakulindele ukuba simnike umnikelo oncishisiwe, kumele kube yikho okuphambili ngisho sibhekene neziphepho zezimali .

Ngakho ngesikhathi usahluza uhlaziya  ibudget yakho yomndeni ,nantu ucwezu lwenhlakanipho enobuNkulunkulu  ukukuhola ekucabangeni kwakho : 

Izaga  3:9,10 Dumisa uJehova ngempahla yakho,nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.Izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi  nezikhamo zakho zichichime  ngewayini elisha .

Angikaze ngithole umgudu wokulawula ezezimali zami ongcono kunalona . Ngisho nasezikhathini ezinzima emsebenzini weNkosi esiphila kuwo ngokholo ,lakhona okuke kube nezikhathi okungathi sibhekene nezichotho  kwezezimali . 

Ngesikhathi  mina nawe sinikela ngokuvulelekile emsebenzini kaNkulunkulu .Akasoze wasishiya siyiziceke sishodile .UNkulunkulu uyabahlonipha labo abamhloniphayo . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.