... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vula Amehlo ami

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:17,18 .Yenzele okuhle inceku yakho ,ukuba ngiphile ngigcine izwi lakho . Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

Listen to the radio broadcast of

Vula Amehlo ami


Download audio file

Empilweni yonke,siye sifune  izinto ezinhle ,ezimnandi ezizosibusisa .Izinto ezinhle ezizoyinothisa impilo yethu nezimpilo zalabo esibathandayo .Kodwa imvamisa futhi lezozinto ezinhle zisengasiholela ophathe . 

Ubani nje kithi ongakaze afise kwenzeke izinto ezinhle kuye ? Mhlawumbe kade wawulangazelele  umuzi othe xaxa kunalo okuwo ,imoto enhle ,nokuzikhipha nje ukuyophumula suku lumbe . Kumbe kube ngukuthola umuntu oright oyoshada naye ,uma kungukuthi ushadile ufise ukuthi sengathi umshado wakho ungaba muhle kunalokhu oyikhona .

Ngakho amehlo siwathi njo kulezozinto  – ezingekho zimbi zonke ,ngokwazo – sizihubhe ngomfutho wethu wonke ,kodwa okuthi uma sesizibambile sibone ukuthi azikhona lokhu ebezibukeka ziyikho zisekude . 

Ngakho sizithola kanjani  lezizinto ezinhle na?

Amahubo 119:17,18 Yenzele okuhle inceku yakho ,ukuba ngiphile ngigcine izwi lakho .

Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

Yeka umthandazo omkhulu kangaka ! Yeka ubuhlakani obungaka ukucela loluhlobo lwesicelo kuNkulunkulu !  Ukuthi abe muhle kithi ,asisize ukulalela iZwi laKhe ,ukuthi asivule amehlo ethu –siboneni? Izinto ezinhle ezifundisweni zaKhe. 

Angikutshele ukuthi uma sithandaza kanjalo andukuba sivule iBhayibheli lethu ,kuyaqala kwenzeke izinto ezimangalisayo.UMoya oNgcwele ukhuluma inhlakanipho yaKhe ,uthando lwaKhe ,namandla aKhe ezimpilweni zethu  .Usibusisa ngokuthola izinto ezimangalisayo ,izinto ezinhle kakhulu ,ngeZwi laKhe. 

Amasu nenhlakanipho ngathi , ngabanye,ngobudlelwane bethu,ngohambo lwethu noNkulunkulu ,lokho kuyonothisa ukuphila kwethu phezu kobesingakukala!  

Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.