... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yazi Umehluko

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 27:6 Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima .

Akuyena wonke umuntu ohlangana naye oyilokhu abukeka eyikhona . Kubuhlungu ,ukuthi abantu abaningi babukeka bethembisa okuningi ,kodwa okuthi esikhathini lakhona ubadinga kakhulu bavese bakuflathele futhi baze bakulaxaze bamelane nawe . 

Uma besiphila emhlabeni o-perfect ,singungwe ngabantu aba-perfect ,uma kunjalo wonke umuntu ubezoba yilokho abukeka eyikhona .Bebengeke babe khona abazenzisayo ,bekungeke kube nezimpisi ezigqoke isikhumba semvu. 

Kodwa njengokuba uzazela ,nami ngizazela ,asiphili emhlabeni o-perfect .Kunabantu abazenza okunye kodwa othi mawusondela uthole ukuthi bangokunye okwehlukile .Manje ,uwubona kanjani umehluko ? Uhlukanisa kanjani phakathi komngani weqiniso nowamanga? 

Izaga  27:6Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima .

Kwesinye isikhathi ubungani bungahaya .Kwesinye isikhathi abangani bangatshelana izinto ezimlimazayo omunye .

Iqiniso lihlale lilimaza imvamisa.Kodwa ungalenzi iphutha uzitshele ukuthi uma kungahayi kumnandi one way kushukuthi ngumngani weqiniso engowamanga.Umngani weqiniso uyakuqonda akutshele ngqo ezimpondweni zamehlo ,akahambi esabalalisa amahemuhemu ngawe ,ukuqondisa uzwa .Ngomngani weqiniso uyakwazi osuke ukuthola .Akakuhlebi.Uma nawe ngisho nala khona ubudlelwane buhaya khona . 

Kodwa izitha zingokuhluke ngamalengiso zona.Zinhle ebusweni bakho ,kodwa zikuhamba ngemumva .Ziyilaba abakugwaza ngemumva .Ziqaphele .Qhela kuzo.Ungazethembi noma ngabe zibukeka kuwe zimnandi kangakanani . 

Amanxeba othandayo athembekile,kepha ukwanga kwesitha kuyachichima .

Uyabona ,abanye abantu bayigolide loqobo ,kodwa abanye bapendwe nje ngopende wegolide .Yazi umehluko .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..