... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yikuphi Oyokwenza Ukuze Uwine ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Daniyeli 12:3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka ,nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi ,kuze kube phakade naphakade.

Ngingakubuza namhlanje ukuthi luhlobo luni lweqhaza olibambile kulomhlaba ,ezimpilweni zabantu abakuzungezile ? Elihle ,eliphakathi nandawo,kumbe eliphansi ? Gama lini oyolishiya emva kwakho ? 

Impilo ibukeka igcwele ukushintshanisa izinto ngenhloso yokuzuza okunye …la sibala ukufeza izimpokophelo zakho ,nokwenza okuhle .Phakathi kokufinyelela ezinhlosweni zakho ,nokuphatha kahle abanye abantu.

Kulula ukuwina kunoma yini ozibekele yona ,inqobo nje uma ukulungele ukunyathela abanye  ngenkathi uhlofa ubheke la oqonde khona ,ushaye ngezinqamulelayo ,ukhohlise ,ucindezele  ufudule mawala.

Kodwa lokho kuthini kubantu abakuzungezile  – uwakwakho ,izingane zakho ,abantu obaholayo ,nozakwenu ? Uma kuyiyona ndlela le ophila ngayo impilo  yakho ,ngakube bakulangazelele kangakanani ukugubha bajabule kunye nawe ngamhla uwinayo ,uthi  cinco esiqongweni sentaba?

uDaniyeli kwi Thestamanete Elidala kwakungumuntu owakwazi ukuwina ,ngaphandle kokudayisa ngokunye ukuze azuze okunye .

Waba ngonempumelelo kakhulu engazange  enze ama compromise ,engagibelanga wanganyathela muntu ,kodwa ngokwenza okwabe kukuhle . 

Daniyeli  12:3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka ,nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi ,kuze kube phakade naphakade.

Iyini inhlakanipho ? Yebo ngokukaDaniyeli ichaza ukuwina ,ukuba nempumelelo ,ngokwenza okuhle .Ngokuhlonipha uNkulunkulu umbeke eqhulwini .Ngisho nasezinhlungwini zokufa ,uDaniyeli wenqaba ukuzenzisa. 

Ngikholwa  ukhona umuntu oyedwa noma ababili abanjalo oseke wababona empilweni yakho  nawe .Bama ,bebebade bedlule bonke abanye ,akunjalo ? Bakhanya njengezinkanyezi ngokweqholo obanika lona .

Kukuhle kunjalo umbuzo uthi namhlanje ,ngakube mina ,wena uyiyo yini leyonkanyezi ekhanya kanjalo na? 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..