Yini Esegameni ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Isaya 43:1 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe ,nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”
Ngakube uyafana nami ukhohlwe yigama lomuntu emva nje kwemizuzu emibili uhlangene naye ? Kunzima ,angithi ? Kodwa manje inkinga igama lalowomuntu lisemqoka ngokungakholakali kuye .Ngakho ungathi yikho noma akuyikho ,ukuhluleka ukukhumbula amagama abantu kubatshela ukuthi asinandaba kangakanani ngabo .
Ukuqinisa leliphuzu lami ,uzizwa kanjani uma umuntu ekhohlwa yigama lakho ? Kuye kusule noma yiyiphi imfudumalo bebeyikhombise ekuqaleni nisabonana .Futhi kwehlisa isasasa lokusungula ubudlelwane nabo .
UNkulunkulu unguNkulunkulu odale wonke umhlaba .Wazi konke ,unamandla onke ,unothando lonke .Usezindaweni zonke .Kodwa khona kunjalo kakhohlwa nelilodwa igama lomuntu .
Isaya 43:1 Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe ,nowakubumba wena Israel ,uthi “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”
Umbize kanjani uJakobe ? Ngikubizile ngegama lakho ungowami.
Mina nawe asizona nje izinombolo kuye ,wena ubengu -4465970 mina ngingu 4465971. Phezu kokuba adala umhlaba wonke ,phezu kokuba ewubambe ngezandla zakhe umzuzu nomzuzu ,phezu kokuba enezinto eziningi ezisesandleni sakhe eziqhubekayo njengamanje –nongeke wasondela ngisho eduze ekukucabangeni konke akuphethe ,angithi ?!
Phezu kwakho konke kukuningi kangako kodwa uyakwazi ngegama lakho .Akalokothi alikhohlwe igama lakho .Ukubiza ngalo ngqo .
Kuthini lokho kuwe ,khona la ,khona manje ,ngokokuthi unonakekelo olungakanani loNkulunkulu analo ngawe?
“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile ,ngikubizile ngegama lakho ungowami”
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.