Amazwi Akho Anamandla
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
KwabaseFesu 4:29 Makungaphumi emlonyeniwenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
Iqiniso yileli lokuthi amazwi esiwakhulumayo anamandla angakholakaliyo.Angakha noma abhidlize.Ngakho ngingacela ukukubuza namhlanje sihlobo ,ukuthi yimaphi amagama okhetha ukuwakhuluma? Isivinini sempilo siyagijima kulezinsuku.Kuleskhathi esimatasa ,umhlaba oguquguqukayo esiphila kuwona,indaba ingokulungisa izinto ,kunokubambazeleka ukude uqinisa amaxhama okuxhumana kwezobudlelwano .
Bese kuthi lelilangabi elisha ubuhanguhangu, lomhlaba osheshayo linomthelela omkhulu ekutheni sikhuluma kanjani omunye nomunye .Sesingabantu abanganakani ,nabanonya ngamazwi esiwakhulumayo,ngenxa yokuthi sifuna ukulungisa leyonto yenzeke kungakhathalekile sigxobe maphi amakhona .
Ngakho esikukhulumayo futhi mhlawumbe ngokuthe xaxa ukuba semqoka,okokuthi sikusho kanjani,kudla amandla obudlelwane bethu nabantu –emsebenzini,emshadweni,nezingane zethu,nangabangani abambalwa okungenzeka sesisele nabo.
Ake ungitshele ukuthi konje kunini phambilini nje lakhona wazizwa wehliswe isithunzi,ungogajiwe ,okwakudalwe yindlela yokuthi kunomuntu owakhuluma kuwe ngendlela ethize….umuntu obukumele ngabe wazi kangcono ?
KwabaseFesu 4:29 Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo. Bekuyoba njani mangase kuthiwe mina nawe sisho izinto kubantu ngenhloso yokubakha nokuthi baqine kakhulu kunakuqala?
Ngenhloso yokuma nabo nokubakhuthaza-ngisho nala khona simelwe ukukhuluma ngezinto ezinzima? Uma kuyiyona ndlela leyo okhulume ngayo kwabanye abantu ,bekungaba namthelela muni ebudlelwaneni bakho ? Ungasho? … Uma ukhuluma ,ungasho luthi olungalungile.Kodwa yisho izinto ezinhle abantu abazidingayo –noma kungayini ezobasiza ukukhula baqine. Amazwi anamandla .Sebenzisa amazwi owakhulumayo ,ukuba abe yisibusiso.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..