... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubuhlungu Bakho Buyophenduka Intokozo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 16:19,20 UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? 20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.

Listen to the radio broadcast of

Ubuhlungu Bakho Buyophenduka Intokozo


Download audio file

UNkulunkulu unalento yokuthatha izinhlekelele zethu ezinkulu aziphendule ukunqoba okukhulu. Futhi ayikho inhlekelele enkulu kunokubuka umzimba kaJesu oligobolonde ungasenamphefumulo ulenga kulesosiphambano. 

Yiyiphi inhlekelele enkulu eseyake yakwehlela ? Leyanto eyodwa eyayisho ukukuklaya phakathi? Mhlawumbe ngikhuluma nje uphakathi kuyo  njengamanje .Akuwubambe lowomcabango ngesikhathi sisangena ekubukeni  inhlekelele enkulu kunazo zonke  :

NgokukaJohane  16:19,20UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.

Itulo lokuketula kubulawe uJesu labe liyinto eyayikhathaza kakhulu izingqondo zabafundi bakaJesu .Babegcwele ukwesaba okukhulu ngakho kwakutwetezela amathumbu uma belicabanga .

Futhi uyabona ukuthi ngamhla sekwenzeka ngempela ,kwaphela nasozwaneni kubo .Balila .Njengokuba nami nawe sililile ezinhlekeleleni ezisehlele empilweni  kuleminyaka . 

Kodwa ezinyembezini ,ezinyembezini zethu  …ezinyembezini zakho ,lowo kanye owayezobethelwa esiphambanweni ukhuluma lamazwi  :

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.