... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Incazo Ngqo Yokwahluleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 12:20,21 “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’ 21 “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”

Listen to the radio broadcast of

Incazo Ngqo Yokwahluleka


Download audio file

Ngakube usuke usebenze kanzima ,udele okuthile ukuze uzuze okuthile ,kodwa okuthi masufike kukho nakhu usuthola ukuthi  kuyagengqeza obukushikashikela ,lempumelelo asiyekhona lokhu obuyilindele ibe yikhona?

Lowomuzwa ngiwazi kahle .Uzakwethu uthi kwingxenye yokuphila kwakhe  ngasekuqaleni wayekusophile ekulubekela ukuceba adume . Wayevele eseqalile ukusondela  eza mawala impela ,ehamba ngemoto ebizayo kakhulu ,ehlala endlini ebizayo ,wayehlonishwa emkhakheni ayekuwo.

Kodwa ukugengqeza kwempumelelo esekuyo uqobo kungumuzwa owawusuqalile ukumudla kabuhlungu .

Uma ngibuka emumva ,kimi incazo kanye yokwehluleka ,ngukuphumelela entweni engasho lutho .Okuyiphuzu kanye uJesu alishoyo kulolulandiso lwesiwula esinothile .

Umhlaba walendoda wawukhiqize kakhulu ngangokuthi kwakumele idilize zonke izinqolobane zayo qede yakhe ezintsha ezinkulu kakhulu  ukuze ikwazi ukuyigcina kahle ingcebo yayo .Ngokwempumelelo yayo yabe isiba nesiphetho somqondo othi  Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emningi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

NgokukaLukha  12:20,21 “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’
21 “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”

Siwula ! Sasimatasa sibuka ukutamasa nokuzuza kwaso impahla eningi kangaka kodwa inkinga wayengazi ukuthi isikhathi sesimphelele emhlabeni .Kunenselelo enkulu kulesigaba kithi sonke ngamunye.

Ngabe ngingophana ngesihle kangakanani kwenginakho ? Ngingatshala kangakanani embusweni kaNkulunkulu ?  

Yimibuzo esindayo le ,kodwa uJesu ukwenza kucace bha okwezinqa zesele ukuthi lowomuntu ofika esiphethweni sempilo ene- bank balance esagcwele phama ….akasiyena owinile.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.