... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isikhathi SikaNkulunkulu Sishay Khona

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Habakuki 2:3 Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo uphuthuma ekupheleni ,awuyikukhohlisa noma ulibala ,wulindele ,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza .

Listen to the radio broadcast of

Isikhathi SikaNkulunkulu Sishay Khona


Download audio file

Ngizokwethembeka kuwe .Angihlali ngezikhathi zonke  ngithokoziswa yisikhathi sikaNkulunkulu .Kube nezikhathi eziningi lakhona ubuhlungu buthathe isikhathi eside kakhulu  

Futhi nembala kube nezikhathi lakhona esibambe  kwaze kweqa isibusiso sakhe ! Kuwe kube njani?

Nginomngane osemncane ,okwathi besanda kuqeda ukushada ,unkosikazi wakhe wahlaselwa wuhlobo lwesifo esingelapheki .Manje inkinga uvemelani uNkulunkulu ukuba kuqhubeke ?  

Ngikholwa ngukuthi nawe ungabala okuningi okunjula okuluhide okufana  nalokhu futhi mhlawumbe okwedlulele okusibangela ukumbuza uNkulunkulu .Kungani adedelele kithi ,lokho okubukeka kuthatha isikhathi eside kunganqamuki kungemnandi  ?

Umphrofethi weThestamente Elidala uHabakuki waba naleyonkinga efanayo :

Habakuki  1:2 Ngiyakuncenga kuze kube nini Jehova ungezwa ,ngikhala ngendluzula ungasindisi na?

Izinto zazingahambi kahle neze ngo Israel .AmaBhabhiloni ayedala incithakalo ezweni .Yingakho kungamangazi ukuthi uHabakuki akhale kuNkulunkulu .Impendulo kaNkulunkulu ?  

Habakuki 2:3 Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo uphuthuma ekupheleni ,awuyikukhohlisa noma ulibala ,wulindele ,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza .

Uma ukulesisimo ,hleze yinto le ongengethande ukuyizwa .Mhlawumbe akuyona ngisho into ongafuna ukuyikholwa.Kodwa ake ume kancane .UNkulunkulu wazi kahle obhekene nakho .Yeka amandla enduduzo engaka ukwazi ukuthi isikhathi sakhe sihlale si- perfect.

Wulindele ,ngokuba uyakufika nokufika,awuyikwephuza .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.