... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impakamo Iyadilizana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 2:3,4 Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.

Listen to the radio broadcast of

Impakamo Iyadilizana


Download audio file

Manje ungasho ukuthi ukuthokozela kangakanani ukuphila kumbe ukusebenza nomuntu ophakeme ,kumbe nebala ukuzungezwa yiningi labantu abanjalo ? Akuwona umdlalo ,ngakube yiwo?  

Ngokungangabazi ,omunye wemiqondo emibi yilo oxhante empakamweni ,ngoba umuntu ophakeme impilo ingaye kuphela .Umhlaba ujikeleza kubo –ngokuthi bazizwa kanjani ,yini abayifunayo nokuthi abanye bacabanga kanjani ngabo .

Ngalesosizathu bavaleke amehlo ngezidingo ,ngemizwa neqhaza labanye abantu.Bahamba phezu kwakho ukuze bafike la abaya khona .Bayokuziba ,bathengise ngawe ,benze itulo  ngawe ukuze bakhule bona emehlweni abo nasemehlweni abanye abantu .

Yingakho uNkulunkulu ehlale emelene nabaphakeme ebanika umusa abathobile . Yingakho enalokhu ukukusho kuwe nami,ngempakamo yethu:

KwabaseFiliphi  2:3,4 Ningenzi lutho ngombango nangodumo

lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.

Yiseluleko senhlakanipho nembala . Simelwe ngukulawula  impakamo yethu uma sizolandela uJesu ,okwathi nakuba eyiNdodana kaNkulunkulu ,wazithoba kwaze kwaba sekufeni ;yebo ekufeni kwesiphambano uqobo .

Kodwa kuyisifundo futhi ngokukhetha abantu esizizungeza ngabo .Njengokuba omunye wake wathi ,qaphela ukuthi ubani omfaka emkhunjini wakho ,ngoba abanye abantu bayozikisa umkhumbi wonke ngenxa yokuthi nje abakutholi ukuba ngokaputeni .

Ngobani abantu ozizungeze ngabo ? Ngakube bamelwe kwakhona ukuba semkhunini wakho ?  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje