... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Mlindele ,Mhlalele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 30:18 Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.

Listen to the radio broadcast of

Mlindele ,Mhlalele


Download audio file

Kwakuvama ukuba nesisho emasosheni . “Shesha bese uyalinda .” Kubukeka kungukuthi kwakuhlalwe kuqonde ukuthi abaphuthume babe sesikhathini kuleyondawo ,kodwa usheshela ukuyoma kuleyondawo amahora amaningi kuze kube kwenzeka lesosigameko .

“Ukushesha bese uyama” kubukeka kuyinto eyenzeka kaningi nasempilweni futhi .Uzizwa unengcindezi yokufika endaweni ethile ,ukwenza okuthile …okuthi ngezimo ezithile ezingaphezu kwakho sekudingeka masukhona wehlise amagiya ulinde  .

Kulomhlaba o-digital 24/7 online,silindela izinto ukwenzeka ngokuphazima kweso. Ubani okhululekile ukulindiswa yi Call Centre uhalf we –hour lonke .? Ngicabanga uzwa kahle .Asisekho bahle ekulindeni izinto manje .

Kodwa okumangazayo ngazizathu thizeni ezaziwa nguYe yedwa uNkulunkulu simbona efaka ugcizelelo olukhulu ekulindeni.

Hhayi loluhlobo lokulinda lwethu esisuke sesikhalaza sibambe umoya sihleli ocingweni sisadlalelwa lowomculo esilindiswa ngawo naleyomyalezo eyaqoshwa elokhu thushu iqhamuka izophindwa ezindlebeni zethu nkathi sisaphoqwe ukulinda  kodwa uNkulunkulu ufuna  ukulinda okudala ukubekezela kudale inhliziyo elindele okuthile esikhathi esifanele ,ingatatazeli .

Isaya  30:18 Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo.

Ngakho ngesikhathi sisalindele impendulo emkhulekweni ,naYe ulindele futhi.Ulindele ukusikhombisa umusa .Ulangazelele ukuphakama azosiduduza .Ngakho yini ayilindile ?  

Singebe nasiqiniseko ukuthi ngqo ngqo kodwa engikwaziyo ngokungangabazi ngukuthi ulindele isikhathi okuyiso ngqo ,Isikhathi sakhe lakhona ekugcineni inhliziyo yethu izoba isisendaweni efanele . babusisiwe bonke abamhlalelayo.

Ngakho mlindele ,mhlalele . Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.