... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungamvuleli uSathane Imbobo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFesu 4:26,27 Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo. 

Listen to the radio broadcast of

Ungamvuleli uSathane Imbobo


Download audio file

Angazi noma sewuke waqaphela . Kodwa kuningi la emnyango okwanele ukusigcina sithukuthele usuku nosuku.Abantu ,ipolitiki,yizimo ,zindlela zokuziphatha ,uhla lude ungaqhubeka ubala ,konke kusilindile emnyango.

Intukuthelo imvamisa iveza isikhophoco sobuso bayo ma usengcindezini .Umuntu akuthi klulu ngeso elibi ,nguwe lowaya usumngqubuza ngekhanda .

 Yebo kwesinye isikhathi intukuthelo ibukeka inendawo yayo .Uma umuntu ehamba ehubhuza amanga ngawe,ngakube awunalo ilungelo lokudinwa lapho ?  Nakanjani !  

Futhi asingakhohlwa ,ukuthi nakuba ephuza ukuthukuthela ,kodwa naye uNkulunkulu uyathukuthela .Kodwa kunezinto ezimbili esizenzayo entukuthelweni okungamele sizenze sanhlobo .

KwabaseFesu  4:26,27 Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.  Ningamniki uSathane indawo. 

 Uma singakulawuli ukuthukuthela ,into yokuqala okuzozisiphatha ngakho ngukusilawula ;kuvese kuphume kuyifu lezinyosi ,kufune siziphindiselele,sicime umlilo ngo paraffini ,ukwehla siye kulomuntu owuqalile wonke lomlilo nathi siyovutha njengaye .

 Okwesibili ngukuthi kuhlale kuze kuthole isidleke lakithi ,okugcina ngokuthi kwabanye ekungathetheleleni kwabo kugcine kubenze bahlale bemuncu  … ukuphila kwabo konke !

Futhi lokho kanye akuwenzi umqondo .Hle hle umuntu onomthelela omkhulu empilweni ,yilo owenqaba ukumthethelela ,angithi ?

 Futhi konke lokho kuvulela uSathane ukuthi angene athi shi kuwe qede akudonse ngentambo akuyise la ethanda khona .Ungayivuli intuba kaSathane empilweni yakho ngentukuthelo .