... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Bakhethe Kahle Abangani Bakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 13:20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Listen to the radio broadcast of

Bakhethe Kahle Abangani Bakho


Download audio file

Ngixoxele obani abaluleki bakho abaseduze ? Uma ushadile ngicabanga uwakwakho ungowokuqala kulokho .Kodwa uthini ngabo bonke ophila nabo ? Futhi ngakube kufanele ukuba uphile nabo eduze na?   Yimibuzo esemqoka le ngoba izimpendulo zakhona zingaguqula impilo yakho ukuyenza ibe ngengcono kumbe elimele ngokudlulele. 

Angikho ekutheni simelwe ngukuzungezwa ngabantu aba-perfect abangenasici. Phela ekugcineni kwakho konke umsebenzi omkhulu womlandeli kaJesu ,ngukucobelela abanye uthando lwakhe nezindaba ezinhle zikaJesu ,nalabo abangamazi ;ukuba seduze ngesihe kulabo abalimele ezimpilweni . 

Labobantu nabo abekho perfect kodwa sibiziwe ukuba seduze nabo njengokuba esesemhlabeni ngenyama wenze njalo naye wasondela kubo .Kodwa futhi sikhathi sinye ukusondela unamathele kweqe kubantu aba wrong kungacekela phansi kukumoshe kukuqede nya .  

Izaga  13:20Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Lomqondo wokuhamba nabahlakaniphile ukhuluma ngokuthi ngobani obavumele ukuba seduze kuwe empilweni ; ngobani obalingisayo ,ngobani obuza kubo izeluleko . 

Futhi umqondo wokuba ngumshungu neziwula ,kukhuluma ngokuzivumela zikufunze wonke umqondo wazo ,zikwaluse zibe semadlelweni kunye nawe. 

Ngingakubuza futhi ,ngobani obavumele ukuba sesigungwini sabaluleki bempilo yakho ? Yiba nesithombe sabo ngamunye ,ngakube lomuntu ungohlakaniphileyo kumbe uyisiwula .Ngoba …

Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.