... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hlukana Nobubi Bakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:21 Ngakho lahlani yonke insila nokubi okuvamileyo, namukele ngomoya omnene izwi elitshaliweyo elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.

Listen to the radio broadcast of

Hlukana Nobubi Bakho


Download audio file

Siphila emhlabeni lakhona kuqhathiniseka kube kubili ngokunamandla .Okumnyama okumhlophe .Okude okufishane .Ukuceba ubumpofu.Omusha omdala .Kodwa okusemqoka kunakho konke okunye ,yilokhu : okuhle nokubi .Manje yimuphi umehluko empeleni ngalokho kokobili ?

Yaah ,empeleni umehluko kuya ngokuya kuba nzima ukuwubona njengokuba izinkambiso zobuqotho ziya ngokuya zishabalala ;njengokuba labo abasakucacisa okuhle nokubi akukhona nje kuphela ukuthi bayachukuluzwa ,kodwa bayashushiswa .

Njengokuba uPhawuli uMphostoli wakuqaphela  (KwabaseRoma  1:32) akukhona kuphela ukuthi imiphakathi seyingenwe ububi ngalendlela ukuba ikwenze qede iqhubeke impilo  ejwayelekile,kodwa kwenziwa ngokwezinga lokuthi kuchumisa labo abazenzayo lezizinto.

Okay,kuyiminyaka engu 2000 eyadlula lokho ,kodwa kusekhona  nanamhlanje futhi kudlangile .

Labo abenza ,abaqhakambisa ububi  bakwenza ngokwezinga lokuthi bafuna kugcine kuxutshwa kuxovwe ndawonye okumnyama nokumhlophe kugcine kungasabonakali umbala ocacile kunalokho kuphume u-mbala omlotha ,kuze kube sezingeni lokuthi kube khona abangasazi kwakhona ukuthi konje okuhle  kwakubukeka kanjani empeleni ,kunjalo angithi?

Mika  6:8 Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

Esikhathini lakhona sitshelwa ukuthi izinkambiso zokuziphatha kahle ziyisidala .lakhona amagagasi egubhaza akhukhule  konke okwabe kuqhakanjiswa ngokuthi kuhle qede kufakwe okubi bese kubizwa ngempilo ejwayelekile ,kukulesosikhathi kanye esikuso okwenzeka ngokuxakile ….okwakho yima .Ulalele uNkulunkulu  wenze okuhle  .

Futhi yikuphi okuhle ? UJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.