... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Akho Ukunqoba Ukwesaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 1:5-7 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Akho Ukunqoba Ukwesaba


Download audio file

Ukholo ,yebo ukholo lweqiniso kuJesu luyinto enhle .Enhle kakhulu.Ngakho kusokholweni kanye la okwazi ukusebenzisa izipho zokomoya  oziphiwe nguNkulunkulu ngezinhloso ezinhle kulomhlaba.Kuhle kuwe lokho . 

Kumnandi ukuba nokholo lweqiniso kuNkulunkulu ,olukwazi ukuma luqinile ezikhathini ezinzima nezilula .Njengokuba sizwile izolo ukuthi lolukholo oluncane luphenduka lube ngumlilo onamandla uqobo ,ngesikhathi sisebenzisa iziphiwo zethu esizinikwe nguNkulunkulu ukukhazimulisa igama lakhe .Nakhu akushoyo :

2 KuThimothewu  1:5,6 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu

uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.  Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami

Ngokungangabazi ,ngesikhathi uthatha igxathi ulusebenzisa ukholo lwakho ukubusisa abanye  abantu –uzobhekana nabaphikisi  –bakomoya nabasezweni .Kuyinto eyenzeka zikhathi zonke ,yingakho uPhawuli esho lokhu kokulandelayo

2 KuThimothewu  1:7  Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

Kuvumele lokhu kuzike kuwe .Ngesikhathi uSathane ephonsa  zonke izinhlobo zezikhali kuwe , Umoya kaNkulunkulu yiwo ongumthombo wamandla akho ,wothando lwakho ,wokuzithiba .Ungesabi . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.