... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJehova Ungophakade

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:1,2 Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane. Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona!

Listen to the radio broadcast of

UJehova Ungophakade


Download audio file

Siphila usuku nosuku sibhekene nobutasa bansukuzonke . Angisho ukuthi yinto embi leyo kodwa impilo injalo nje .Kodwa nansi i-risk  ukuthi singagcina sithe shi kulobobutasa sigcina sesikhohlwa ngokubaluleke kakhulu . 

Ngakho yikuphi ozokwenza namhlanje , kusasa,nangomhlomunye ? Kusobala hleze kuzoba yilokho obukwenza nangalezinsuku esontweni eledlule .Impilo ihamba kanjalo .Okuvese kuthi sisematasa ngalokho kuvese kube nosiphonsela ibhomu esikhaleni singalindele ,isishaye isithele phansi  .

Okay,siyabhekana nalokho ngokuthi sivuke sizithuntuthe qede siqhubeke nohambo lwethu .Ekugcineni kosuku impilo imelwe ukuqhubeka iye phambili .Okuthi usuku nosuku sithola ukuthi ukubheka ngqo imanje lethu kusiphuca ukubuka nokukhulu okungale kwalokho ,kuze kusiphuce intokozo yethu ,ithemba ,ukholo nothando lwethu . 

Ngakho namhlanje ,hlanganyela nami ukuze sibuke izinto zasezulwini.

Amahubo  90:1,2Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane. Kungakaveli izintaba, ungakawenzi umhlaba nezwe, kuthi kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona!

Wow! Hallelujah. Kusuka isikhathi saqala futhi kuze kube  la singapheliyo khona uyohlala njalo uNkulunkulu enguNkulunkulu wethu .Ubelokhu elikhaya kithi futhi uyohlala njalo eyilo ,eyinqaba yethu ,enguMsindisi wethu ,eyintokozo yethu . 

UNkulunkulu wethu ungophakade futhi ofanelwe ngukudunyiswa okukhulu.Ngakube ukhathazekile ngobutasa bansuku zonke  bethu ? Uyingxenye yethu kubo?  Leyompendulo inguyebo omkhulu !  Ngakho ngesikhathi usaqhubeka nosuku lwakho ,olwakusasa nolulandelayo njalonjalo ,qhubeka umuzwa ekhuluma leliqiniso elihle nelimnandi enhliziyweni yakho :

Kusukela phakade kuze kube phakade wena Nkulunkulu ukhona!!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.