... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izingozi Zenkolo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 5:16-18 Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.

Kuyaphawuleka kakhulu ukuthi kulula kanjani ukuthatha izibele nomusa kaNkulunkulu  –  umuhle unjalo –qede sikuphendule uhla lwemithetho .Utholani mawenza lokho?  Inkolo .

Ngenhlonipho ethile kuyaqondeka ngoba izindaba ezinhle zikaJesu zibandakanya ,yebo nebala ,umusa nezibele zikaNkulunkulu ,kodwa futhi ziphinde lezibele zifune ukuphendula okuvela kithi –ukumukela ngokholo nokuphenduka .

Futhi okuthi uma sikusophe kahle ukuphenduka esonweni sethu , kusikhathi sinye kulula ukuwela ohleni lwemigomo engagcina  isiyinkolo kithi .

Kodwa ngesikhathi sizama kanzima kusikhathi sinye sehluleka kakhulu.Ngesikhathi siqhubeka sehluleka kuyanda ukushayeka phansi emgwaqeni wemigomo kulenkolo esizakhele yona .Lento ngokomqondo ocabangayo ibukeka kanje  :

NgokukaJohane  5:16-18 Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.

Kepha wabaphendula wathi: “UBaba usebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala, ngokuba wayengaphulile isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu.!

UJesu wayephilise oshwabene uhlangothi kuliSabatha kodwa kukodwa kuphela abaholi bezenkolo abakwenza ngukumhlasela uJesu.

Akukhona ukuthi kuphela wayephula umthetho  kodwa waphinda futhi wazibiza ngolingana noNkulunkulu .

Okungakho lamadoda enkolo amzonda kakhulu, ukuthi aze anquma ukumketula amyise kwagoqanyawo .Ngempela?  Ngokuthi kade nje ephilisa lomuntu !  

Omunye usaziwayo wathi : ‘inkolo yinto osala nayo uma uMoya oNgcwele eseshiyile kulesosakhiwo’ ! Siyacela ungabi yinkolo kithi ,siyakuncenga ungayihambi leyondlela !  

UNkulunkulu unokukhulu kakhulu ngathi  kunenkolo,unempilo egcwele umoya ,impilo echichimayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.