... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impakamo YobuSathane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 4:5-7 Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhingiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”

Listen to the radio broadcast of

Impakamo YobuSathane


Download audio file

Sewake wabhekana nokuphonselwa ngusathane isilingo esikutshela ukuthi uzoba ngophumelela kanjani ,ukuthi abanye abantu bazohlabeka umxhwele kangakanani ngawe ? Awuwedwa kulokho !

Amathuba ayaqhamuka  empilweni .Ngisho nala khona uziqhathanisa nabanye abantu ,futhi okuthi mawukwenza uvese uzibone uqhele ngamalengiso kubo ungumatindane uqobo .Ngisho nala khona impilo ingabi yilokhu owawuthemba izoba yikho .Ngisho nala khona wehlulekile ,usesigabeni sokuqoqa  izingcucu eziphephukile .

Amathuba ayaqhubeka ezongqongqoza emnyango wakho Futhi kahle hle lakhona siphansi ,okuyinto sonke esibhekanayo nayo ,lawo mathuba ayahuhana .Yingakho abantu besheshe bagwinye yilama- scam athi ceba ngokushesha .Inhlansi yokulingwa yimpumelelo iqhashela kuwe ngokushesha uma usenkingeni izinto ziya phansi .

UJesu wayesebe sehlane izinsuku ezingu 40.Engazange adle lutho.Wayentenga .Wayebuthaka .

NgokukaLukha  4:5-7 Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi

kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhingiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.  Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.”

Njengombhali nesikhulumi u- Joshua Botello ebeka kanje ,uma usathane engakwazi ukukuqumba phansi ,uyozama ukukufutha .Ungalingeki .Hlala uthobile .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.