... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kunamandla Akulesosethembiso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 1:8 kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

Listen to the radio broadcast of

Kunamandla Akulesosethembiso


Download audio file

Nhlosoni uNkulunkulu ayihlele phambi kwakho kusuka namhlanje kuya osukwini oyophefumula okokugcina kwelakwamhlaba? Kungani esakubekile la,esikhundleni sokukuthatha akusondeze kuye enkazimulweni?  

Leyo yimibuzo eyinselelo ngoba siyadleka usuku nosuku ,yizinto okumele sizenze ukuze siphile kulokhu kuphila ,kulula kithi ukuqhela enhlosweni yakhe ,sibe sezidingweni zethu ,futhi asethembeke ,sibe sezimfunweni zethu ,ezintshisekelweni zethu ,ebuntofontofweni bethu .

Kodw uma ungomunye wababeke amehlo abo bawathi njo kuJesu njengami ,akulula ukuthi ubutasa bakulokhu kuphila bukugudluze inhloso yobukhona bakho emhlabeni .

Emva kokuba uJesu wafa  ,wavuka qede wanyukela ezulwini ,kwakungaba lula kulabafundi ababesele ukuthi bathi kubo : ‘Cha bekuyinto ekhethekile impela le ,akunjalo ? Kuyamangaza impela ,ngakho asihambe manje sibuyele ekhaya ,siyozilalela embhedeni yethu ,siziqhubekele nempilo ,siphile ntofontofo size sibe sebudaleni sineliswe yiminyaka yethu ezinkumbulweni zethu ngoJesu zolokhu zikhona kodwa zobe zingasagqamile .

 Kodwa akuyona indlela yokwenza leyo ayebanike yona ukuthi bangaxolela lokho ,esikhundleni salokho wathi kubo …

Izenzo  1:8 kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

UJesu washiya abafundi bakhe ukuthi bahambe umhlaba wonke betshele abantu ngothando lwakhe .Futhi wabathembisa amandla ,amandla oqobo ,Amandla kaMoya oNgcwele ,ukubanika amandla okwenza lokho kanye .

Shlobo sami uJesu akakushiyile ukuthi uthathe umhlalaphansi omnandi ontofontofo ,kodwa ukuthi utshele umhlaba ngothando lwakhe .Futhi ukwethembise uMoya oNgcwele wakhe ukukunika amandla akhe ,ukwenza lokho kanye!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.