... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yiba Nesibindi Nasezikhathini Ezingaqondakali

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 7:14 Yenama ngosuku lwenhlanhla kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolo uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona ngemva kwakhe .

Listen to the radio broadcast of

Yiba Nesibindi Nasezikhathini Ezingaqondakali


Download audio file

Noma ngabe yini esibhekana nayo empilweni ,enhle nembi .Konke okwenzeka ngaphandle kohlala njalo kusithinta ngokokuthi thina sesiyibuka kanjani impilo .

Kuyisisho esicacile ukuthi izimo ezinhle zinyuswa umfutho kahle kithi ebese kuthi lezi ezingemnandi zivese zisiqede amandla kuxege namadolo . Imizwa yenhliziyo yethu igubhaza ngokuhambisana nesimo esesiqhamukile .Ekugcineni kosuku phela ngubani obengathanda ukubhekana nokungahambi kahle kwezinto  empilweni ?

Sengikushilo lokho izivuvatha zempilo zinendlela yokusisonta qede zisithi fofolozi phansi sisale sididekile .Ake ukucabange lokho .Yini empilweni yakho othi mawuyibuka ubone ukuthi wawungeke uyikhethe uma kwakuya ngawe? Ikwenza uzizwe kanjani ? 

Ndlela thize ,ukwehla nokwenyuka kwemizwa kuyimpilo  kodwa manje inkinga phela uNkulunkulu wayengasidalelanga ukuphila emshwibekweni wokwehla siyenyuka  okukagingqigongqo uqobo lwawo. Akekho ofuna ukuphila kanjalo .Ngakho  ….

Umshumayeli  7:14 Yenama ngosuku lwenhlanhla kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolo uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona ngemva kwakhe .

Uqiniso ngukuthi uNkulunkulu ungophethe konke kuzo zonke izimo ezisehlelayo  … namhlanje ,kusasa nango mhlomunye . Futhi ndlela zonke simelwe ukujabula uma impilo imnandi ,esikhathini lakhona uNkulunkulu esenzela okuhle –akukho oku wrong ngalokho  .

Kodwa lakhona izikhathi zinzima ,khumbula lokhu : ukuthi nalezozikhathi ziqhamuka esandleni seNkosi ,simelwe ukuyithemba ngakho konke esipha khona.Ngakho ngokuzayo mhla ubhekene nezikhathi ezinzima uyoba nesibindi nokuqonda ukuthi zonke izinsuku zenziwe nguJehova .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.