... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inselelo Yokulawula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 4:7,8 Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke; 8 kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono

Listen to the radio broadcast of

Inselelo Yokulawula


Download audio file

Indlela elula yokuthi izinto zibe yilokhu ofuna zibe khona ,noma ngabe lezozinto ziyini ,ngukuthi zibe ngaphansi kolawulo lwakho .Yebo yiyona mpendulo leyo .Ulawule yonke into .Kodwa impilo ayinjalo . 

Kahle hle impilo inomkhuba wokuphonsa izinto kuwe ngendlela obungayilindelanga .Kwesinye isikhathi kunezinto ezincane ongakwazi ukubhekana nazo .Kwesinye isikhathi ziba nkulu .Ubile sesimweni esinjalo ,nami futhi ngibile kuso….futhi siyohlala siba kuzo .Futhi imvamisa asiphenduli kulesosimo ngobekufanele ukukwenza . 

Kwesinye isikhathi siphendula ngokuvele sinyamalale ,sizibeke eceleni .Kokunye siphendule kukho ngokudinwa sikhiphe izibhakela zimuhluse kwasani elugibe .

UPhethru umphostoli wayebhalela amaKhrestu ayehlushiwe kakhulu hhayi kancane .Babeshiswa bezwa ,abanye babo .Akukho okunzima ukwedlula lokho . 

1 EkaPhethru  4:7,8Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke; 8 kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono

Siphendula sithini empilweni uma uNkulunkulu evumela izagila ziphonswe kiti qede zisinethe ? Sibe ngabazithibayo nabamqondo uphusile ukubhekana nazo zinjalo !  

Kwelinye icala singazidabukeli siwele emgodini wokuthi awu bandla kushukuthi sabhekwa yisambane thina .

Ebese futhi ngakwelinye icala singasola umhlaba wonke ngamashwa asivelele ,singawudinelwa sijezise wona .Kodwa asiqhubeke sibathande abantu nakuba sizizwa ukuthi sengathi singeziphathe kahle kubo . 

Ngakho uma usesimweni sokungakwazi ukulawula izinto  ezenzeka kuwe ,ziphonsele inselelo kuKhrestu ,ngamandla akhe ,amandla kaMoya oNgcwele ,ukuzilawula indlela ophendula ngazo kuzona . 

Ngakho zikhuzeni, nizithibe

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.