... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hloboluni Lukamakhelwane Oyilo?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 22:1,2 Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka ,ucashe kuzo ,wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu .Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi ,woziyisa endlini yakho zibe nawe ,aze azifune umfowenu ,uzibuyisele kuye .

Listen to the radio broadcast of

Hloboluni Lukamakhelwane Oyilo?


Download audio file

Omakhelwane banendlela yabo echazanayo yokuchukuluzana .Kungabangwa izinja ,imfuyo  ngisho amakati ,umsindo we radio ,zihlahla nemincele njalonjalo ,umakhelwane angaba yinselelo impela .

Ngokungangabazi sonke siwenzile amaphutha kulezozimo ezinzima .Kodwa nakuba ubumqoka bokugcina ukuthula kumile ,uNkulunkulu unobizo olukhulu kakhulu ngathi singomakhelwane .

Dutheronomi  22:1,2 Awuyikubona inkabi  yomfowenu noma imvu yakhe iduka ,ucashe kuzo ,wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu .Uma umfowenu engeseduze nawe noma ungamazi ,woziyisa endlini yakho zibe nawe ,aze azifune umfowenu ,uzibuyisele kuye .

Manje kungenzeka mhlawumbe awukho emakhaya ngakho umakhelwane wakho akanankomo akanankabi akanambuzi akanankukhu , mumva nje kowami umakhelwane kuke kwazodilivwa i-order likasimende ka kwamekhelwana ,abakwa dilivayo balishiya khona egcekeni lakhe .

Ngithe uma ngibona imvula ngaphuthuma ngayomsiza ngokuligcina kahle limbozekile  ngoba lalethwa bengekho  ,umakhelwane wathokoza kakhulu ,kwamsiza ,mina akungibizanga nani .

Iphuzu la ngukuthi sibizelwe ukuqaphela umakhelwane wethu .Indaba la ayingakho nje ukugcina ukuthula kodwa ungokwenza utho oluzomenza abone unomndeni kithina .Ngoba uhlobo losizo oluphathekayo olunjalo lungubufakazi obunamandla  bothando lwaloNkulunkulu esithi siyamkholwa .

Awuyikubona inkabi  yomfowenu noma imvu yakhe iduka ,ucashe kuzo ,wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.