... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Vumela UNkulunkulu Aqinise Amasu Akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 16:3 Giqela kuJehova imisebenzi yakho ukuze kuqiniswe amasu akho

Listen to the radio broadcast of

Vumela UNkulunkulu Aqinise Amasu Akho


Download audio file

Sonke sinawo amathemba namaphupho okubiza ukuba siwathuntuthe qede sibhekane namasha alonyaka . Sibe nomqondo othi hleze kulonyaka izinto zizothi ukwehluka ,zizoba ngcono ,noNkulunkulu uzongenelela !

Kuyinto eyimvelo ukuthi kulezinsuku zokuqala konyaka wonke umuntu emhlabeni usuke ekucabanga kunye ;ekuguquleni amathemba nezinhlelo zethu ezingqondweni zethu .Sithi ngakube zizophumelela kulonyaka ? Ngubani owayiziyo iyozala nkomoni kulonyaka. Ngakho uma amathemba namaphupho ethu sesiwathuntuthile sawavivisela unyaka  omusha siwathatha siwabeke kahle eshalofini ukuze ahlale ecwebezela kulonyaka ,bese kuthi ngokuphazima kweso lawomathemba namaphupho avese ashabalale ehleli laphaya .Kodwa besizothini uma kwakuvele kungamele kube njalo  ?

Izaga  16:3 Giqela kuJehova imisebenzi yakho ukuze kuqiniswe amasu akho

Lelivesi livamisa ukuhlanekezelwa kumbe lingatolikwa ngendlela elibhalwe ngayo ,abantu baye bethi , “Nikela izinhlelo zakho kuJehova ”. Kanto cha ,kahle hle lithi, “Nikela  kumbe gingqela imisebenzi yakho kuJehova ” – izenzo zakho ,iminyakazo yakho , izinto ezigcwalisa usuku lwakho usazisebenza ezenza ugcine usulahlekelwa ukuwathi njo amehlo akho emaphusheni ,emathembeni  ,nasezinhlelweni zakho  

Ngqo ngqo ngqo  qingqela kuJehova leyomisebenzi ,ikhiphe ezandleni zakho uyibeke ezandleni zakhe,yenze uyenzela Yena ,okuyovese kwenze ukuba izinhlelo zakho zime ziqonde . 

Ngakho uthini uNkulunkulu kimi nawe lapha ? Ukuthi ngokuphila izimpilo zethu zinikelwe kuYe ngokugcwele , ngokumkhonza ngezinhliziyo zethu zonke ,zingabekiwe emashalofini zigqwala ,izinhlelo zethu ziyoma zifezeke ngaYe .Ngakho khumbula lokhu futhi …

Giqela kuJehova imisebenzi yakho ukuze kuqiniswe amasu akho

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.