... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Phila Ukholo Olunganyakiziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Habakukhi 3:17,18 Noma umkhiwane ungakhahleli kungabikho izithelo emvinini ,umsebenzi womnqumo uphuthe ,amasimu angavezi ukudla ,izimvu zinqunywe esibayeni ,kungabikho nkomo ezibayeni.Nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami

Listen to the radio broadcast of

Phila Ukholo Olunganyakiziyo


Download audio file

Mangase kuthiwe nje impilo ibinguswidi imnandi konke kungubuthebelele.Mangase kuthiwe nje izinto zizohamba ngohlelo lwethu ukuze sibe nempilo ,sicebe ,sikhaliphe .Mangase kuthiwe nje ….manje hheyi ezinye izinsuku zivele zibe mnyama .Manje ubhekana kanjani nezinsuku ezimnyama ?  

Izinsuku ezimnyama ukwedlula ezinye zenzeka ngesikhathi ebesikulindele  ebesikubhekele kuvese kungenzeki sanhlobo .

Ubani osuke ngosuku olukhulu lothando lwamajuba ngamhla beshada osuke ecabange ukuthi emshadweni wabo kuzovese kuphihlike imbiza kungalindele muntu ? Ubani owayazi ukuthi lengane enhle kangaka ezalwe yibo kwakuhle kwanjeyana izalwa yaqanjwa elihle igama leli  ukuthi kusasa yiyo isiseRehab ngenxa yokubanjwa yizidakamizwa ? Ubani obengacabanga maphakathi ne career yakhe  konke sekuyimpumelelo avese ehlelwe ngukugula okunzima ? 

Esikudingayo kulezonsuku ezimnyama ,yisu lokukwazi ukudlula kuzona.Futhi nebala uNkulunkulu unesu elihle nelinamandla ,nokho elibukeka liyinto engakholakali  

Habakukhi  3:17,18 Noma umkhiwane ungakhahleli kungabikho izithelo  emvinini ,umsebenzi womnqumo uphuthe ,amasimu angavezi ukudla ,izimvu zinqunywe esibayeni ,kungabikho nkomo ezibayeni.Nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami

Izinto ziyenzeka kodwa zenzeka zinjalo  singakhetha ukuma okholweni lwethu lwehlule izimo zethu .Ngoba kukho konke sinoJesu owafa ukukhlawulela izono zethu  futhi wavuka ukuze asinike ukuphila okuphakade .Futhi lokho yikho okunamandla amakhulu okuketula konke okungaba yizehlo kithi . 

Ngakho kulezokhathi kanye ezimnyama ,khetha ukholo olunganyakaziseki . Khona kunjalo khetha  ukuthokoza ngoJehova ujabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwakho 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.