Ningukukhanya Kwezwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 5:15,16 Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Kuyiphuzo elisobala lokuthi ngesikhathi siqhubeka siba matasa;kusikhathi sinye sincishelwa wukucabanga ukuthi singathinta kanjani impilo yomunye umuntu;lokho okwenza sifiphaze ukukhanya kukaNkulunkulu ebekumele sikukhanyise okuluthando lwaKhe aluletha kulomhlaba omnyama.Kuzwakala kungemnandi,kodwa kuliqiniso.
Kunini lakhona kungekudala nje ,kunomuntu owenza okuhle kuwe? Into ekhethekile.Into abayenza ngenxa yokuthi nje bayazi kuyokuthokozisa ,kukusize ,kukuthinte ngendlela ekhethekile. Mhlawumbe kusanda kukwenzekela lokho ,kumbe mhlampe seside isikhathi kwagcina.Kodwa sonke siyazi ukuthi uma kukhona umuntu owenza lokho,akusikho ukuthi uvese agqame lowomuntu ezixukwini ?
Kusengaba yinto encu ncu ncu,ukukubuka ngobuso obunesihe,izwi lenkuthazo,ukukuphekela ukudla ngesikhathi ugula,kodwa kukuncane kunjalo ,ukubonga okuyotshaleka enhliziyweni kungaba okwempilo yonke.
Futhi uma senza into enhle,into enozwelo,into enokupha,into enokukhuthaza omunye umuntu ,kusenza sigqame ezixukwini ngendlela amazwi nawo ubengeke akwazi ukuyichaza.UJesu ukubeka kanje lokhu: NgokukaMathewu 5:15,16 Nomuntu kasokheli isibani, asibekephansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.
Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. Lezozenzo ezisobala nje zezibele,lezozenza zokuzinikela ,uma uchezuka endleleni uchezukela ukwenza nje into encane empilweni yomuntu ….kuba wukukhanya lokho kubo,la okusuke khona kuyi-corner ebelimnyama ligcwele isithukuthezi imvamisa. Ubani obungamupha i-smile sakho namhlanje ,umnikelo omncane wesikhathi sakho ,umenzele umehluko ayowukhumbula impilo yakhe yonke?
Wena,yebo wena kanye ,ngokokukaJesu,ungukukhanya kwezwe .Yiba yilokho kukhanya.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..