... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulibuza Izwi LikaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Genesise 3:1-4   Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?” Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; 

Listen to the radio broadcast of

Ukulibuza Izwi LikaNkulunkulu


Download audio file

Kuyalingana kakhulu kulezinsuku ukubuza iZwi likaNkulunkulu uliphekapheke ;uze ulidwebele ubeke eceleni amazwi amaningi angehli kahle kuwe eBhayibhelini lakho  ,ukuze konke kuzohambisana nawe ,futhi kuhambisane nezimpilo ikakhulu zesimanje esisiphilayo kuleminyaka  . 

Umuntu athi ngakube uNkulunkulu ikhona ngempela inkinga anayo uma  ababili behleli  ndawonye bengashadene ? Nembala kulezinsuku yinto engenankinga leyo ! 

Omunye athi ngakube isihogo siyindawo yobuhlungu ingunaphakade ngempela ,sikhona yini kwasona ? Phela lokho ngeke kube yinto enhle .UMuntu athi ayibo siyeke wena ngezinganekwane zezinkolelo zabantu bakudala ! 

Yiyona ndlela abaningi abazibiza ngamakholwa abacabanga ngayo .Yiyona ndlela leyo iZwi likaNkulunkulu eseliguguleke ngayo ezimpilweni zabo . Kodwa akukho nokukodwa okusha kokunye kwalokho :

Genesis 3:1-4  Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”

Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”

Uyabona ukuthi inyoka ayizange yaqiliza yakhohlisa u-Adam no Eva ukubulala ,ukweba noma ukuqamba amanga .Yabalinga ukulingabaza balibuzisise iZwi likaNkulunkulu ukuthi linjalo ngempela yini .Ingxaki enkulu  yaqala lapho kanye . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.